OTHISHA abaduve emakhaya neziqu behleli ngaphandle kwamahhovisi oMnyango wezeMfundo eMgungundlovu
Image: SITHUNYELWE
BABIKA usizi othisha abangasebenzi uma bechaza ngesimo abazithola bebhekene naso sokuphela kwesikhathi eside bengaqasheki.
Labo thisha bakhulume neSolezwe bengaphandle kwamahhovisi oMnyango wezeMfundo aseMgungundlovu.
Izolo, bese kuwusuku lwesithathu olugcwele bevuka njalo ebese beyoqhinqa ngaphandle kwamahhovisi.
Batshele Isolezwe ukuthi banencwadi enohlu lwezikhalazo zabo abafuna ukuthi igcine seyamukelwe aboMnyango.
Omunye walabo thisha, uNksz Nkosingiphile Xulu (28) ongowaseNkandla ngokudabuka, ulimise ngesihloko elokuthi sebekhathele bona manje ukubhuquza emakhaya nezitifiketi zabo abazizuza kanzima ezikhungweni zemfundo ephakeme.
"Namhlanje wusuku lwesithathu sihlezi lapha ngaphandle futhi kasiyi ndawo. Sifuna kuze kube khona ozimisele ngokuzosibona sidlulise izikhalazo zethu kuyena. Kodwa uma kusenjengoba kunjena engekho ozimisele ngokuthi asibone - asinankinga thina - yokuvuka njalo ekuseni sizoqhinqa lapha ngaphandla kwalawa mahhovisi. Ngeke phela, sesikhathele lokhu okwangempela ke manje,'' usho kanjena kuzwakala ukuthi usenyukelwa nawumoya.
Uveze ukuthi uneziqu zobuthishela azizuza eNyuvesi yaKwaZulu Natal.
''Sekuphele iminyaka eyisithupha manje ngiduve ekhaya ngingasebenzi. Hheyi yaze yabuhlungu nansi into esibhekene nayo singothisha," usho kanjena.
UMnuz Nkosinathi Shezi (35) waseMzinyathi ngokudabuka, uthe akukho abangakwenzanga kodwa yonke imizamo yabo imane iphelele ezeni kuhle okwezithukuthu zenja.
Uthe kukaningi befaka izicelo kodwa kumane kufane - kube sengathi kabenzanga lutho. Uthe yingakho sebelungabaza uhlelo lokuqashwa kothisha KwaZulu-Natal.
Uthe kune-database abatshelwa ngayo uMnyango wezeMfundo waKwaZulu-Natal ukuba kumele basebenzise yona ukufaka izicelo, nalokho uthi bakwenza kodwa namanje kusacwebe iziziba.
''Sesifuna ukwazi-ke manje ukuthi kanti kuqhubekani? Yini le thina okumele siyenze kanti ukuze kukhulunywe indaba yokuthi sesiyasebenza nathi njegabanye? Le nto isiqala ukusihlukumeza lokhu okwangampela. Kunzima ukuphila ngale ndlela esiphila ngayo, akusenzeki lutho,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi uneziqu zobuthishela azizuza eDurban University of Technology (DUT) kanti sekuphele iminyaka engu-5 lutho ukuqashwa.
''Uke uzwe uma kuthiwa kumnyama? Kusuke kukhulunywa ngento enjengalena ke. Impela kumnyama sikhona. Liphelile manje ithemba,'' kusho yena.
UNksz Vamisile Buthelezi (38) waKwaDukuza, uthe sebelwe baze baphelelwa yiwona amandla. Ngokusho kwakhe kukhona okushaya amanzi ngohlelo lokuqashwa kothisha KwaZulu-Natal.
''Ngeke phela kwenzeke izinto ezinjena sibuka. Kwesinye isikhathi uthola umuntu oqede manje enyuvesi kodwa athole umsebenzi ngokushesha. Uvele uzibuze ukuthi kanti kwenzekani?'' usho kanjena.
Uthe kungcono khona ukuthi umuntu amane ahlale emgwaqweni kunokuthi aphile ngokudla imali yesalukazi yempesheni.
''Kuye kube buhlungu ukubona ingane yakho iphuma iya esikoleni ivalelisa ithi isiyahamba, ufise ukuyipha imali kodwa akukho ongakwenza ngoba usuke ungenalo nesenti elimnyama leli."
UNksz Nokuzola Radebe (30) waKwaMashu, uthe useliphonsile ithawula ngokuthi kuyoke kukhanye ngendlela okubonakala kubhimba ngakhona. Uthe yingakho manje bebone kungcono ukuba bamane bavuke njalo bezoqhinqa ngaphandle kwamahhovisi oMnyango.
Uthe ngokwenza kanjalo mhlawumbe uzocaca umyalezo abahlose ukuwudlulisa kwizikhulu zoMnyango wezeMfundo zaKwaZulu-Natal.
Uthe sekuphele iminyaka eyisithupha engasebenzi, wathi manje sekuyazwela futhi kakhulu. Uveze ukuthi uneziqu zobuthishla azithola e-Unisa.
Wenze izinsolo ezibucayi zokuthi baninngi abafika kubona babatshele ngo-R30 000 okumele ukhokhwe ukuze kuzokhanya.
''Kusho ukuthi kukhanya ngampela ngoba bonke abawutholayo loyo R30 000 bayasebenza sikhuluma nje,'' echaza.
Ukhale esifanayo noMnuz Thuleleni Ngwazi (36) ongowaseNanda, wathi impela izinto zimapeketwane. Uthe uneziqu zobuthishela azithola e-Unisa, wathi lona ngunyaka wesine ehlezi ekhaya, lutho ukuthola umsebenzi awufundele.
UNksz Zamile Ngcobo (34) uvele wakhihla isililo wehlukela ukukhuluma, wathi kungcono nokufa kunale nto eyenzeka kubona. Uthe uneziqu azithola eNyuvesi yaseZululand kanti sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili engasebenzi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe ngeke kuze kubasize ngalutho labo thisha ukuvuka njalo bayoqhinqa ngaphandle kwamahhovisi. Uthe futhi akukho kuhle ukuba nothisha abaneziqu abenza ngale ndlela.
''Othisha baqashwa ngalokho okusuke kudingeka ngaleso sikhathi uma futhi kuvela leso simo. Abanye bothisha ebebeqhinqa kanjalo ngaphandle sebeyasebenza. Iqiniso ukuthi lokhu abakwenzayo ngeke kubalekelele ekutheni beqe abanye,'' usho kanjena.