isidumbu
Image: Motshwari Mofokeng / Independent Newspapers
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesifazane wasoPhongolo okuthiwa ubulawe evakashele umngani wakhe abengamathe nolimi naye.
Isolezwe lithole ukuthi umufi, uNksz Zabanguni Mnguni (34) ubulawe ngoMsombuluko emini kade evakashele umngani wakhe.
Isihlobo sikamufi, uMnuz Zamani Mnguni sitshele Isolezwe ukuthi umufi ubesuke kubo eyovakashela umngani wakhe njengenjwayelo.
Uveze ukuthi imizi yale mindeni ayiqhelelene kangako kangangoba akupheli nemizuzu emihlanu uma omunye eya komunye.
Echaza uthe bathole ukuthi umufi ube nengxabano eshunqa phansi nomunye wesilisa, naye obevakashele kulo muzi.
''Kuthiwa bahilizisane kakhulu asazi kodwa ukuthi yini lena abebephikisana ngayo. Kodwa sithole ukuthi owesilisa ucikwe wukuthi umufi ubemphendula noma yikanjani kanti uzocasuka bese eyamgwaza amanxeba amathathu kubuka bonke abantu ebebekhona ngaphakathi endlini,'' usho kanjena.
Uthe bona babizwe sekuthiwa mabaphuthume kumele aphuthunyiswe esibhedlela udadewabo, ngeshwa bafike esethule.
''Mhlawumbe ubezosinda kodwa inkinga kusuke kwaba wukuthi ubemgwaze endaweni embi kakhulu njengoba emgwaze esifubeni nasekhanda,” kuchaza isihlobo.
Ebuzwa ukuthi uyamazi yini owesilisa uthe abanye bathe bayamazi ungowakhona endaweni, wathi kodwa yena ngabe uhubhuza aluhlaza uma ethi uyamazi, kumbe wake wambona.
''Okusiphatha kabi kakhulu ngaphezulu kwezinto zonke wukuthi udadewethu ubulawe engekho ekhaya kodwa ekamngani wakhe. Kodwa ayikho into esingayisho ngoba siyazi ukuthi bebezwana kangakanani nomngani,'' usho kanjena kuzwakala nje ukuthi ukhungathekile.
Uthe bazolwa kuze kube sekugcineni bathole ubulungiswa ukuze umenzi wobubi ajeze ngakwenzile.
Uveze ukuthi umenzi wobubi kuthiwa ucele empunzini ngemuva kwesigameko kodwa wasala egcekeni ummese abegwaze ngawo umufi. Uthe namanje umsolwa usagcwele amathafa.
''Kubuhlungu kakhulu lokhu okuvelele udadewethu ngoba ubengumuntu olungile futhi engakujwayele nokuxabana nabantu. Sikhulekela ukuthi umbulali abanjwe avalelwe bese eyasichazela njengomndeni ukuthi kungani ekhethe ukwenza into enesihluku ngalolu hlobo,'' usho kanjena.
Uthe ngabe benza iphutha elikhulu uma bengathi bayamsola umngani kamufi.
''Laba bantu bebezwana ngale ndlela exakile futhi babefunda ndawonye emazingeni aphansi baze baphinde bafunda ndawonye nasemazingeni aphezulu,'' kuchaza yena.
Ukhale ngomkhokha athe ubalandele kuleli khaya njengoba ngo-2022 kunomunye emndenini owashona ekade evakashele umngani wakhe eShowe.
''Asazi noma kumayelana nokuthi kukhona esingakwenzanga yini ngesikhathi kwenzeka okokuqala noma yinto nje eyenzeke ngoba kuziqondanele,'' usho kanjena.
Ubalise ngokuthi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokufa kukadadewabo ngale ndlela.
"Kunzima nokutshela izingane zakhe ukuthi ngeke ziphinde zimbone unina,'' kusho yena.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukubulawa kukamufi. Athe kuphenywa ngokufa kowesifazane okusolakala ukuthi ubulawe ngokugwazwa.