Izindaba

IsiShayamthetho saseKZN sidinga abaholi abalahlwa unembeza, hhayi ophakimpi!

k

UMfundisi Sizwe Ngcobo|Published

ISIPHITHIPHI esisuke esiShayamthetho ngemuva kokusinda kukaThami Ntuli ukuthi akhishwe esikhundleni

Image: Screenshot/SABC News

UMFUNDISI Sizwe Ngcobo, ongumphathi webandla laseSheshi, St Agnes eKloof, kwiDayosisi yaseNatal, eyenganyelwe nguMbhishobhi uNkosinathi Ndwandwe

Image: SITHUNYELWE

IZIGAMEKO zakamuva esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ziphambene kakhulu nengqikithi yesikhathi sikaKhisimusi. Lesi yisikhathi sethemba, ukuthula, injabulo nothando, ikakhulukazi njengoba silungisa izinhliziyo zethu ukwamukela iNkosi Yokuthula.  

Ukuhlaselwa kukaSomlomo, uNontembeko Boyce, nodlame oluqhamuke esigungwini sesifundazwe kufanele kuzwele kuwo wonke umuntu ononembeza. Lolu dlame lwenzeke ezinsukwini ezimbalwa nje ngemuva kokuphela kwezinsuku eziyishumi nesithupha zokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.  

Lo mkhankaso uhloselwe ukuvusa unembeza wethu sonke ngobubi bodlame olusabalele ezweni lethu. 

Akukuhle ukuthi kade simemezela ukuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane alwamukelekile, bese kuba khona umholi wesifazane ehlaselwa esikhungweni esihloselwe ukuvikela intando-yeningi, yethu uqobo. 

Inhloso kaNkulunkulu ngesintu ukubuyisana, ukubusa nobuholi obungenalo udlame kodwa okunobulungiswa nokulunga, ikakhulukazi kwabampofu, ababuthakathaka nabangenamandla. Nokho esikubonile esiShayamthetho sethu kube yikho kanye okuphambene nalo mbono. 

La obekufanele kube khona ukuhleleka, kube khona isiphithiphithi. La obekufanele kube khona inhlonipho nenqubo yentando yeningi nesithunzi somuntu, kube khona ukusetshenziswa kwamandla nokwesabisa. La obekufanele kube khona amandla okwamukela umphumela ngokuzithoba, kube khona ubuthakathaka obuphethe ngokuphendukela odlameni.

Lokhu kubonakalisa ngokusobala ukuthi sisekude kangakanani nombuso wokuthula owabonwa ngu-Izaya uMphrofethi, nokuthi udlame selungene lwajula kangakanani - hhayi nje emakhaya nasezitaladini zethu - kodwa nasezindleleni zethu zokuxoxa ngezepolitiki nokuxazulula izingxabano. 

Lokhu kuphambana kujule kakhulu kunezepolitiki noma ubulungu bamaqembu. Kuveza inkinga enkulu yokomoya ezweni lethu, ukwehluleka okuyisisekelo ukubona umfanekiso kaNkulunkulu kumuntu ngamunye. 

Udlame - kunoma yisiphi isimo futhi lubhekiswe kunoma ngubani - luyisihluku esiqondene nesithunzi sobuntu uqobo. Futhi lapho lolu dlame lubhekiswe kwabesifazane, luba nesisindo esengeziwe ezweni lapho udlame olubhekiswe ebulilini selufinyelele ezingeni lobhubhane, lapho abesifazane nezingane behlala ngokwesaba nezibalo zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besifazane zisihlaza phambi komhlaba. 

Umlayezo kaKhisimusi ovela esethembisweni sika-Izaya (35:1), umisa isibindi labo abasekudingisweni, nabakwaziyo ukuthi kusho ukuthini ukuphila ezindaweni ezidicilela phansi isithunzi somuntu.  

Kubo umprofethi umemezela athi: “Kuyakuthokoza ihlane nendawo eyomileyo, kujabule ugwadule luqhakaze njengentebe.”

Lesi akusona isithembiso senjabulo esiza kuphela ngemva kokuba siphumile ehlane. Kuyisithembiso sokuthi ihlane uqobo luyoguqulwa, ukuthi injabulo ingavela nasendaweni yosizi. Kodwa ukuguqulwa kudinga ukuphenduka kweqiniso, hhayi ukuzisola nje.

 UJohane uMbhabhadisi, ozwi lakhe liyagcizelela ngalesi sikhathi sokuza, lithi. “Ngakho-ke vezani izithelo ezifanele ukuphenduka” (Mathewu 3:8) Lokhu kusho okungaphezu kokuzizwa unecala noma ukuxolisa ngemva kwesikhathi. 

Kusho uguquko endleleni yokuziphatha, izindlela ezintsha zokudlelana nabanye nokuguqulwa okuyisisekelo kwendlela esiqonda ngayo futhi esisebenzisa ngayo amandla, nalapho kukhona khona ukungavumelani nokudumazeka. 

Njengezakhamuzi zaKwaZulu-Natal, kufanele sizibuze sithi: "Kusho ukuthini ukulungisa indlela yeNkosi Yokuthula esifundazweni sethu namuhla? Okokuqala nje; kusho ukuyenqaba indlela yodlame okuyindlela yokusetshenziswa kabi kwamandla, kunoma yiliphi izinga - emakhaya, kwezepolitiki, noma ezikhungweni."

Kusho ukuliphila ivangeli esilishumayelayo nombuso wokuthula esiwumemezela ngezindebe zethu, emindenini yethu, nasemiphakathini yethu. Kusho ukuba yisibonelo esihle ezinganeni zethu ukuthi amandla awaboniswa ngodlame kodwa ngokwehlela ngezansi ngisho noma sizizwa siphatheke kabi noma sidumele. 

Kulesi sikhathi sikaKhisimusi, njengoba silindele ukuzalwa kweNkosi Yokuthula emhlabeni, masizibophezele ekwakheni lowo mbuso wokuthula, hhayi ngemikhuleko nezintshumayelo zethu kuphela kodwa nasezenzweni zethu zansuku zonke nasempilweni yethu yezepolitiki. Imizi yethu makube yizindawo zokuphepha. Izindawo zethu zokusebenza zibonise inhlonipho.

 Izikhungo zethu zezombusazwe zibonise ukuthi intando yeningi ingasebenza ngaphandle kwesiphithiphithi nokuthi singaphikisana ngaphandle kokuphendukela emandleni. 

UMfundisi Sizwe Ngcobo                                                                                                                Ungumphathi webandla laseSheshi, St Agnes eKloof, kwiDayosisi yaseNatali, eyenganyelwe nguMbhishobhi uNkosinathi Ndwandwe