UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube nePhini lakhe uDkt Reginah Mhaule, emcimbini wesidlo sasekuseni izolo, eGoli, sokuhalalisela abafundi abenze kahle ka-matric
Image: DBE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, usencome abafundi basezikoleni ezidonsa kanzima, wathi minyaka yonke benza kahle.
Uthe lezi zikole ezingo-Quintile 1 kuya ku-3, zihlale zikhiqiza iziqengqe zabafundi ungqongqoshe abahlonipha ngokwenza kahle.
"Nisebenze kanzima, nivuka ekuseni niphinde nilale ebusuku nifunda. Niyibambe kushisa kwaze kwaba sekugcineni. Namhlanje nidla izithelo zokusebenza kanzima," kusho uNksz Gwarube.
Ukusho lokhu esidlweni sasekuseni nabafundi abenze kahle ka-matric, emcimbini obuseGoli.
Uncome nabafundi abaphila nokukhubazeka, athe benza kahle kakhulu nakuba bebhekene nobunzima.
"Siyabancoma kakhulu nabafundi abaphila nokukhubazeka ngoba bayithemba elikhulu kuthina. Noma bedonsa kanzima kodwa bayakwazi ukudabula ezifundweni zabo," usho kanje.
Ubonge nabazali abaseka abafundi ezifundweni zabo.
"Nenze okukhulu, nadela konke ukweseka izingane zenu. Benizigqugquzela ukuthi zifunde. Nihlale nabo ngesikhathi benokhwantalala lezivivinyo. Siyabonga ngomsebenzi omuhle eniwenzayo."
UNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uthe kumele kufakwe imali ethe xaxa kwezemfundo.
"Ezemfundo nezempiilo yiyona minyango okumele ithole imali ethe xaxa esabelweni mali. Abaphathiswa beminyango uma bethula isabelomali kumina, ngilinda ukuzwa kwezemfundo ukuthi kunamalini ngoba yizona eziyikusasa lesizwe," usho kanje.
UNksz Gwarube unxuse abafundi ukuthi bangakhethi kuphela amanyuvesi.
"Wakhetheni namakolishi amakhono, ningawashalazeli niye emanyuvesi. Zikhona izikhala emkhakheni wemfundo ephekeme," usho kanje.
Uthe siyakhula nesibalo sabafundi ababhala u-matric minyaka yonke.