Izindaba

Kuthikameze icala ukuthuthelwa eKokstad kwabasolwa kwelika-AKA

Nkosikhona Cele|Published

IZELAMANI zakwaNdimande uSiyabonga noMalusi abathuthelwe ejele eBhongweni eKokstad

Image: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT MEDIA

KUPHAZAMISE icala ukutokiswa ejele eBhongweni eKokstad, kwezelamani zakwaNdimande. Izolo izelamani, uMnuz uSiyabonga Gezani Ndimande noMnuz Malusi Dave Ndimande, bezivele kafishane bukhoma zisejele eBhongweni.

Beziboshelwe ejele laseSwatini zibhekene necala lokubulala isihlabani somculi waseNingizimu Afrika, uKiernan ÁKA" Forbes  nomngani wakhe uTabello "'Tibz" Motsoane.

UTibs no-AKA  babulawa besendaweni yobumnandi, iWish ekuFlorida, eThekwini esigamekweni esenzeka ngoFebhuwari 10, 2023. Babuyiselwe eNingizimu Afrika ngasekupheleni konyaka odlule ngoNovemba.

Abameli babo bazwakalise ukungenami kwabo ngokutokiswa kwabo eKokstad bekhala ngokuthi lokhu kudala ukuthi bangakwazi ukuxhumana nabo kahle ukuze bakwazi ukubhunga ngezinto ezimqoka kakhulu ezimayelana necala..

Ummeli wabo, u-Advocate Simphiwe Mlotshwa utshele inkantolo ukuthi bathole ukuthi badluliselwe eKokstad ngoJanuwari 2 ekuqaleni kwalo nyaka.

Lokhu uthe bakuthole ngesikhathi benza imizamo yokuthi baxhumane nabo.''Sisafuna ukuthola izimpendulo ezigcwele eMnyangweni wokuHlunyeleliswa kwezimilo  ukuthola kahle ukuthi kwenzekeni beze begcina beyiswa kuleli jele,'' usho kanjena.

Uphakamise ukuthi leli cala lihlehliselwe olunye usuku ukuze kubonakale ukuthi yini engenziwa ukuze baxhumane kahle nezelamani. ''Akulula ukuthi sixhumane nabo uma bekuleliya jele. Okokuqala nje kunomthetho wemizuzu engu-30 nje kuphela engasetshenziselwa ukuxhumana nababoshiwe,'' kuchaza uMlotshwa okhale nangokuthi azibonwa iziboshwa uma zisejele eBhongweni.

Unxuse inkantolo ukuba ikubuyekeze ukuhanjiswa kwezelamani eBhongweni. Kuvelile izolo ukuthi bonke ababandakanyeka kuleli cala bayiswe eKokstad, okungoLindokuhle Thabani Mkhwanazi, Lindani Zenzele Ndimande, Siyabonga Eddie Myeza, Mziwethemba Harvey Gwabeni, kanye noLindokuhle Lindo Ndimande. Omele uhlangothi loMbuso  u-Advoace Elvis Gcweka ukuqinisekisile ukuthi bonke ababandakanyeka ecaleni badluliselwe kuleli jele.

Uthe noma benalo lolo lwazi kodwa kabazi ukuthi kufinyelelwe kanjani kuleso sinqumo. ''Okwamanje asazi ukuthi kungani bethathiwe bayiswa kuleliya jele, alukho ulwazi esisalutholile olumayelana nalokho okwamanje.

Yingakho sigcine sesihlala phansi nabamele abasolwa ukuze sibone ukuthi yini esingavumelana ngayo bese liphinde lihlehliswa icala,'' usho kanjena.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli cala libe sematheni kakhulu ngesikhathi besanda kuqala ukuvela enkantolo abasolwa laze lahanjelwa nayilowo owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa eNingizimu Afrika ngaleso sikhathi, uMnuz Bheki Cele kanye noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natal, uLietenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Uyise ka-AKA, uMnuz Tonny Forbes ubejwayele ukuba yingxenye yecala, kodwa akasabonakali muva nje. IMantshi, u-Irfaan Khalil, wonke amacala iwahlehlisele uMashi 4 kuwona lo nyaka. Kukhulunywa ngaleli jele laseKokstad nje livele lisematheni kulezi zinsuku njengoba noCat Matlala ethuthelwe kulo esuka eKgosi Mapuru, ePitoli.

Kwelinye icala elihlukile uSiyabonga Gezani uthweswe icala lokubulala, elokuzama ukubulala, ukushayela budedengu nelokucekela phansi impahla, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.