Izindaba

Umunyu betholwa sebeyizidumbu emgwaqweni

Published

KUTHUNGATHWA umkhondo wababulali bakaNksz Nontokozo Mazibuko noNksz Andiswa Sontangane

Image: FACEBOOK

IZIDUMBU zezintokazi ebezingamathe nolimu zidume nangobubhinca, uNksz Nontokozo Mazibuko noNksz Andiswa Sontangane, zitholakale zidindilizile ePootjie, eHeidelberg, eGoli ngoLwesine.

Lezi zindaba zidalulwe yilungu lomndeni ekhasini lalo likaFacebook. UNksz Amber Asiphile Mbele ubhale kanje: "Kunoma ubani obesabalalisa umbhalo, ngifuna ukuthi ngiyabonga kakhulu. Ngebhadi sibathole sebeshonile. Leli yicala lokuthumba, ngebhadi ngeke ngenabe kabanzi ngemininingwane. Bengifuna nje ukwazisa wonke umuntu. Nilale ngoxolo bantase size sibonane futhi."

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uLieutenant Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukutholwa kwezidumbu zabafi emuva kokusungulwa kwethimba ebelithungatha abagilwa futhi kuvulwe icala lokubulawa kwabantu ababili. "Amaphoyisa alandela umkhondo ongaholela ekubanjweni kwabasolwa."

La mantombazane abeziqhenya ngobubhinca agcina ukubonwa enkundleni yebhola lezinyawo yase-Evaton ngoDisemba 31 ngezithuba zabo-12 ebusuku. Ayehamba ngemoto eluhlaza okwesibhakabhaka iChevrolet Spark.

Umndeni namalungu omphakathi behla benyuka bethungatha umkhondo kaNksz Mazibuko (25) noNksz Sontangane (25) kusukela ngosuku abanyamalala ngalo ngoba benethemba lokuthi bazobuya bephila kanti bazoze babathole ngoLwesine sebeyizidumbu. 

Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi izidumbu zikaNksz Mazibuko (25) nesikaNksz Sontangane zitholwe ngamalungu omphakathi maqede zahlonzwa wumndeni wabafi.

 UBoity Mokoena ukhale kakhulu ngokubulawa kwalezi zintokazi ngenxa yokuthi bezingachukuluzi muntu. Uthe bezizithobile, zihlonipha futhi zizigqaja ngamasiko azo. "Bengimazi uNontokozo kusukela sisesebuholini baseNorth West University. Ngingasho ngeqholo ukuthi ubenemfudumalo futhi ehlale emamatheka."

UBoity uthe uNontokozo ubenozwelo futhi eqinisekisa ukuthi abantu anabo baphephile futhi baphatheke kahle.