Ummese
Image: Sigciniwe
UFUNA izimpendulo umndeni wasoPhongolo, wowesifazane obulawe evakashele isoka lakhe esigamekweni esenzeke ngeSonto.
Isolezwe lithole ukuthi umufi, uNksz Nomaswazi Ngidi (35), ufe evakashele isoka lakhe elingeke lidalulwe igama lalo okwamanje.
Udadewabo kamufi, uNksz Zothiwe Ngidi, uthe bathole ukuthi umufi ube nokuhilizisana nowesilisa ongumakhelwane walapho abekade evakashele khona.
Uthe batshelwe ukuthi lo wesilisa - obekade edle amankwebevu - usole umufi ngokuthi uyena owebe izingubo zakhe ebezikade zinekiwe kulayini.
"Kuthiwa baxabane kakhulu lo wesilisa waze wazifikela mathupha kudadewethu, wamgwaza amanxeba amabili emqaleni. Kuthiwa uphelele khona lapho endaweni yesigameko," kusho uNksz Ngidi.
Eqhuba uthe udadewabo ubekujwayele vele ukuyovakashela isoka lakhe, kuthi noma lihamba limshiye endlini okuyinto eyenzekile nangosuku lwesigameko, wathi bakhungathekile njengomndeni ngalo mshophi athi ubehle ngaphezulu. Ukhale ngokuthi umenzi wokubi - igama lakhe eligodliwe - usagcwele amathafa.
"Kuthiwa umbulale wangabe esaya kubo, wabaleka wanqamula ehlathini akaphindanga wabonakala emva kwalokho. Sikhathazekile kakhulu ngokwehlele udadewethu. Siyazibuza siyaziphendula ukuthi kungani lo wesilisa kumane kwaba lula nje kuyena ukuba ambulale?"
Ugcizelele kakhulu ukuthi bafuna izimpendulo ngakho konke okwenzekile ngalolu suku, wakhala ngokuthi udadewabo ushiye emhlabeni izingane ezimbili okuyimanje uthe kulukhuni nokuthi bazibheke emehlweni.
"Owokuqala uneminyaka engu-13, owesibili uneminyaka engu-11. Sibatshelile ngokwehlele unina kodwa uyababona nje ukuthi badidekile futhi kabakakholwa yile nto esibatshele yona ukuthi yenzekile ngampela," usho kanje.
Uthe bakhulumile nesoka likadadewabo, wathi kodwa akukuningi abakukhulumile nalo njengoba ethe lizwakale lididekile kakhulu.
Isolezwe likhulume nalo isoka lacela ukuba lingabhalwa igama lalo. Likuqinisekisile ukuthi ngempela senzekile isigameko.
Lithe yize lingathandi ukwanda ngalolu daba kodwa liyamazi umenzi wokubi.
"Angazi ukuthi ubekade engenelwe yini ngoba ngimazi engenalo udlame. Angikhumbuli kuthiwa kukhona axabene naye kodwa-ke ngeke sazi ukuthi kwenzekeni," kusho isoka.
Uthe okumkhathazayo ukuthi ucele empunzini ngemuva kwalokhu akwenzile, wathi uyazisola ngokubulawa kukamufi ngoba ngabe usadla anhlamvana ukube akazange amvakashele.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukubulawa kukamufi. Athe kuvulwe icala lokubulala.
Kwenzeka lesi sigameko nje, ngonyaka owedlule, Isolezwe like labika ngomunye wesifazane naye owabulawa evakashele isoka.
Okwakhe kwakuhlukile njengoba azithola eba umhlatshelo ngoba wabulawa ngabantu ababekade bezogqekeza kubo kwesoka, ngeshwa bafica yena lingekho isoka.