Izindaba

UWarras ubeyiqhawe entsheni yaseVryheid

Charles Khuzwayo|Published

U-WARRICK 'DJ Warras' Stock obeyiqhawe entsheni yaseVryheid

Image: Facebook

ABANGANI bakaDJ Warras ayefunda nabo esikoleni samaKhatholika, iNardine Convent, bamchaze njengomuntu owayeyisiqengqe kangangoba waze wahlabana ngo-A abathathu ezivivinyweni zika-matric.

Lokhu kuvele ngesikhathi ithimba lakwaSABC lihambele endaweni uDJ Warras (40) akhulela kuyo iLakeside, eVryheid. Omunye wabangani bakhe, uMnuz Rene Baeta, uthe umazi kahle uWarras ngoba waqala naye emabangeni aphansi baze bafinyelela esikhungweni semfundo ephakeme futhi babekhonza ebandleni elilodwa.

Uthe nakuba ayebuye abambe iqhaza kwezemidlalo kodwa imfundo yayingungqaphambili. "Sasenza konke okuhle okwenziwa yizingane. Kwakubamnandi ukuba naye, ekhonze amancoko nokuxoxa izindaba."

URene uthe uWarras waphenduka iqhawe nesibani esihle entsheni yakule ndawo ngokuphazima kweso emuva kokusebenza njengomsakazi nomethuli wezinhlelo zethelevishini. Uthe okwakwenza uWarras abe yisibonelo esihle futhi abantu abaningi babukele kuye ukuthi akekho owayeyizitshela ukuthi endaweni enjengeLakeside kungaphuma usaziwayo ovelele njengoWarras.

Yize umndeni wakhe bewusufudukele eGoli, kodwa uRene uthe uWarras ubebuya eVryheid ezobona izihlobo nabangani bakhe. URene uthe umkhumbula ngesiqubulo ayevame ukusisho uma esevalelisa ohlelweni lwethelevishini kwiSABC iLive Amp esithi "Take It Easy. And If It's Easy. Take It Home."

Isolezwe libuye lathola ukuthi ukuthi uWarras ukhuliswe ngugogo nomkhulu wakhe eVryheid, ngenxa yokuthi uyise wamshiya emhlabeni ngo-1994. Wabulawa ngokudutshulwa ngenxa yokuthi wayeyisigebengu. Ekubeni unina wayesebenza ebhange thizeni.

Ngenxa yokuthi unina wayengakunameli ukusebenza kukaWarras emkhakheni wezokungcebeleka, umufi wabe esenza izifundo zeB Com emkhakheni we-Investment Management e-University of Johannesburg ngoba efuna ukugcina esesebenza njengeStockbroker kodwa wahluleka esenza unyaka wesibili kulezi zifundo ngenxa yempilo yobumnandi ayeseyiqomile.

Ukudabuka emapulazini wathi yikho okwenza wadidwa kalula wukhazikhazi beGoli, okuyinto unina eyamcasula kakhulu. Nakuba kunjalo, wayekunyanya ukuswenka ngesudi nothayi, asebenze endaweni eyodwa ngoba ethi lokho kwenza uhlale ugwilikisa omunye umuntu.

Ngaphandle kokuba wuDJ, uWarras ubebuye abe nenkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services. Eminye yemisebenzi emikhulu eke wayenza ukuqapha ekhonsathini kaChris Brown ebiseFNB Stadium nyakenye. Umufi uhambe emhlabeni ngokudutshulwa ngaphandle kwaseCarlton Centre, eGoli, ngoLwesibili.