U-PRESLEY Chweneyagae owashona ngoMeyi, nonyaka
Image: Sigciniwe
IZINSOLO zenkohlakalo zimlandela egodini umlingisi, uPresley Chweneyagae, njengoba iSpecial Investigating Unit (SIU) ithole igunya lokugcina umuzi wakhe okuthiwa wawuthenga ngemali yeNational Lotteries Commission (NLC) ngokungemthetho.
UPresley, wodumo lwefilimu iTsotsi, washona ngoMeyi, nonyaka.
Ngesikhathi eshona, iSIU yase iqale uphenyo ngoxhaso olwatholwa yinhlangano engenzi inzuzo iSouthern African Youth Movement.
Le nhlangano emelwe ngu-Alfred Muzwakhe Sigudla, yathola uxhaso luka-R15 million kwiNLC lokwenza izinhlelo zabantu abasha zezobuciko.
Imali yagcina ingena enkampanini kaPresley, iDomestic Baboon (Pty) Ltd kaPresley. Kusolwa ukuthi wathenga ngayo umuzi ePitoli, ngemali elinganiselwa ku-R889 000.
Ngokwencwadi etholwe yiSIU kwiSpecial Tribunal, iJaji uM Victor, liyalele umfelokazi kaPresley, uCharlaine Christinah Chweneyagae, ukuthi angawudayisi noma aqashise ngalo muzi kuze kuba kusongwa uhlelo lokubuyisa imali ezinsukwini ezingu-60.
Uzakwabo owayelingisa indawo ephambili, uTerry Phetho, wadlelwa umuzi eBryanston, iSIU eyathi wathenga umhlaba wase eyawakha ngemali eyatholwa inhlangano engenzi inzuzo kwiNLC.
Related Topics: