Kuphume izidumbu kudutshulwa abantu ethaveni ngokusa kwanamhlanje
Image: Timothy Bernard / Independent Newspapers
Kushone abantu abayisishiyagalolunye kwalimala abangu-10 baphuthunyiswa esibhedlela esiseduze kulandela isigameko sokudubula endaweni yokucima ukoma KwaNoxolo, esigcemeni sakwaTambo, eBekkersdal. Ezinye izisulu zidutshulwe ngokungahleliwe emigwaqweni oshayasibhamu abangaziwa.
Lokhu kwenzeke ngaphambi kuka-01:00 ezintatha. Kubikwa ukuthi babalelwa ku-12 abasolwa abangaziwa abebehamba ngekhombi emhlophe nemoto esiliva behlome beyizingovolo, bavulele ngenhlamvu bebhekise kubathengi basethaveni. Kulesi sehlo kulimale nomshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga, odubuleke ngesikhathi ezokwehlisa umuntu kulo leli joyinti.
Kujutshwe amaphoyisa ophiko oluphenya amacala abucayo namacala odlame kanjalo nophiko olulandela umkhondo wabasolwa eGauteng ukuthungatha abasolwa abathintekayo.