Izindaba

Sekulele kuRamaphosa ngomthetho othinta abokufika abalinde ukubuyiselwa emazweni abo

Mhlengi Shangase|Published

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa

Image: GCIS

SEKUSEZANDLENI zikaMengameli Cyril Ramaphosa ukusayina uMthethosivivinywa i-Immigration Amendment Bill, ethinta abakokufika kuleli ngokungemthetho ezibakhalele, abalinde ukubuyiselwa emazweni abo.

Ngokwalo Mthethosivivinywa, laba kumele bavele enkantolo engakapheli amahora angu-48 zibakhalele.

UMkhandlu weNdlu yeziFundazwe ePhalamende uphasise lo Mthethosivivinywa, kanti uzodluliselwa kuRamaphosa ukuze awusayine ube ngumthetho.

Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo, uthe lo Mthethosivivinywa uphasiswe ngesikhathi somhlangano wokugcina wonyaka woMkhandlu weziFundazwe.

Uthe usayinwe ukuze uhambisane nomyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo yango-2017, eyathi iPhalamende kumele libuyekeze umthetho i-Immigration Act ngenxa yokuthi kunezinye zezigaba eziphambana noMthethosisekelo wezwe.

Le nkantolo yathi abasuke belinde ukubuyiselwa emazweni abo, abafundelwa amalungelo abo ikakhulu ilungelo lokuba nommeli othandwa yibona noma banikwe ummeli nguhulumeni.

"Lo Mthethosivivinywa uyalela ababhekele ukubuyisela emuva abakuleli ngokungemthetho, izinto okumele bazenze kanjalo nezinto izinkantolo ekumele izibheke uma ikhipha isinqumo. Ugqamisa amalungelo alowo osuke ezokubuyiselwa ezweni lakhe," kusho uMothapo.

Uthe ikomiti elibhekele ezokuPhepha nezobuLungiswa eMkhandlwini weziFundazwe, libe nezigcawu zomphakathi ngo-Okthoba nonyaka. Amalungu alo mkhandlu angu-60, avote ukweseka lo Mthethosisekelo, amahlanu awuchitha.

Inkosi Mwelo Nonkonyana we-ANC ithe wonke umuntu ongena nophumayo kuleli kumele abe  nezincwadi eziqondile.

Ilungu le-DA, uMnuz Mzamo Billy, liwushayele izandla lo Mthethosisekelo lathi uqinisa umthetho wokuhambela kuleli.

Ilungu le-IFP, uMnuz Les Govender, lithe lo Mthethosivivinywa uzonika umkhombandlela kwabezomthetho ngezinto ezithinta abangena kuleli ngokungemthetho.

Lithe izophela nendaba yokuthi balinde isikhathi eside bengabuyiselwa emazweni abo.

"Akulungile ukuthi abakuleli ngokungemthetho ababoshiwe ukuthi balinde umnyama ongenafu ngokuthi bahanjiswa nini emazweni abo, okudala izinkinga zomthetho nasemajele."

Kunezinhlangano ezingayizwa indaba yabantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho. NoNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, unomkhankaso wokuphuma engena ezindaweni ezehlukene ebheka abaqashwe kulezi zindawo abangokufika abangenawo amaphepha aqondile. Lo mkhankaso uwubiza ngokuthi "engangeni ngesango iyafohla", kanti abatholwa kulezi zindawo bengenawo amaphepha aqondile, ziyabakhalela.

Izinhlangano ezifana ne-Operation Dudula neMarch and March zichitha abokufika abangenawo amaphepha okuba kuleli. Zivimba ezikhungweni zezempilo lapho zisuke zala ukhasha zifune baveze ukuthi bakuleli ngokusemthethweni noma bangalutholi usizo lwezempilo.