Banqaba nengane ngoba ngingahlawulile
Image: Sithunyelwe
Umbuzo.
SAWUBONA sisi MaGumede. nginenkinga sisi wami. Ngiyibhungu nginomama wengane yize singasathandani kodwa siyaxhumana ngenxa yomntwana futhi ngiyamondla ngoba kuyenzeka ngibambe amatoho abhedayo abuye aphele.
Inkinga enginayo manje wukuthi umama wengane useyanqaba ukuthi ingane ivakashele ekhaya uthi kubo sebeyanqaba bathi angiqale ngizokhokha ngihlawule yikhona ingane izovakasha kahle.
Uthi uyise uthi ayikho ingane ezomela ukuvakasha ngingakhokhile. Inkinga njengoba sengishilo angisebenzi into esile kanti nasekhaya akekho ongangisiza ukuthi ngiyikhokhele. Ngiyafisa nami ukuyohlawula kubo kodwa ngiphoqwa yisimo.
Ngiyayithanda ingane yami futhi naye uyakwazi lokho nengicabanga ukuthi yingakho esengincikisela ngoba uyabona ukuthi ngiyithanda kanjani. Ngicela ungisize ungibonise MaGumede ngenzenjani kule simo engibhekene naso?
Impendulo.
Sawubona bhuti wami, ngixakwa wukuthi ngoba ingane yakho uyayondla nje uma uthole amatoho yini pho edala ukuthi umama wengane angabe esavuma nengane ngoba phela awuyiphikanga futhi awushongo ukuthi ngeke uyihlawule wukuthi nje yiwona amandla ongakabi nawo.
Ngiyazi ukuthi kunzima bhuti wami ukunqatshelwa ukubona ingane yakho ekubeni uyithanda. Ngicela uke uzame ukukhuluma nomama wengane yakho ubonisane naye umtshele akuncengele abantu bakubo okungenani ingane ivakashe noma yikanye-ke nje ukuze nawe ujabule.
Lokho kuzokwenza ukuthi ungaphelelwa nawuthando lokuyondla. Ngicela nawe uzame ukuqongelela ubeke isenti phezu kwelinye ucele nabakini bakulekelele upatanise uyokhipha noma okuncane kubo kamama wengane yikhona bezobona ukuthi uzimisele kangakanani ngokuba ubaba oqotho enganeni yakho.