Izindaba

Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini

Nkosikhona Cele|Published

Udutshulwe wafa obefuna imali ngodli emndenini ethule emphakathini

Image: SAPS

UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.

Isolezwe lithole ukuthi umufi, uMnuz Mzwandile Gwamanda (39), udutshulwe wafa ngabantu abangaziwa abamhlasele emi ngaphandle kwesitolo sakule ndawo ngoMsombuluko.

Kuvela ukuthi lesi sehlakalo siwushiye udidekile umphakathi futhi ubuzana ukuthi ngobani laba abanesibindi sokubulala umuntu osatshwa kangaka?

Kuvela ukuthi ngoDisemba owedlule, umufi bakhona abake bazama ukumsoconga kodwa behluleka.

Kuthiwa umufi ubesatshiswa okwenyoka kule ndawo kangangoba bekwaziwa ukuthi alufakwa kuyena. Kuthiwa ubeqoqa imali emindenini ebalelwa ku-50 endaweni.

UNksz Snothile Gwamanda ongudadewabo kamufi, uveze ukuthi udutshulwe ngabantu abangaziwa abaqale ngokumbuza bethi: "Uyazi yini ukuthi uma ungafa abantu bangaphumula?"

Uthe kuthe uma ubhuti wakhe ebabuza ukuthi basho ukuthini, bamane bakhipha izibhamu bobathathu base bevulela ngenhlamvu bebhekise kuyena ngqo, wabe ethulela khona lapho.

UNksz Gwamanda uthe laba besilisa bafike esitolo behamba ngezinyawo baphinde babaleka ngazo futhi izinyawo.

"Ubekade engicelile ukuba ngimphelezele siye esitolo njengoba ebekujwayele ukuthi angicele. Bengingazi ukuthi kulokhu kuzomane kwenzeke into ebuhlungu kangaka phambi kwami ngihamba naye nokwenza,'' usho kanjena.

Kuthe uma intatheli imbuza ukuthi uyazi yini ngemali ebikolekwa ngumufi ebantwini, wavuma wathi uyazi kangangoba kukhona abake bamkhuza ngalokhu, bamtshela nokuthi kuzogcina sekumdonsela amanzi ngomsele kodwa waphikelela.

''Ngeke ngize ngiqambe amanga ngobhuti wami, ngithi umfowethu ubengcwele ngoba nakhu sekwenzeke into enjengalena. Ubhuti ubahluphile abantu, ngiyakhumbula ukuthi nami ngangimphikela kodwa ngagcina ngithola ukuthi ngampela abantu uyabahlukumeza,'' kusho yena.

Uveze ukuthi baningi abantu ebebesonga ngokuthi kuyogcina kunje uma kuya ngokuthi umufi akajiki kulokhu akwenzayo.

''Impela mina ngimncane kakhulu kunaye kodwa ngake ngazama ukukhuluma naye ngimbuza ukuthi uyoyeka nini ukuhlukumeza umphakathi kodwa wamane wangitshela ukuthi angiphume kwezakhe izindaba, wangibuza nokuthi nginayo yini imali engizomupha yona uma engasahlukumezi muntu?'' kusho yena.

Isolezwe lithole ukuthi umufi uke waduma nagokweba imfuyo emizini yabantu.

"Kukhona abafika lapha ekhaya bakhuluma naye bamtshela ukuthi ukhinyabeza imizi yamadoda ngale nto yakhe yokweba imfuyo. Ngicabanga ukuthi lokho wakuyeka ngoba kade sagcina ukuzwa ukuthi kunabathile abakhala ngokuduka kwemfuyo yabo,'' usho kanjena.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukubulawa kukaGwamanda. Aveza nokuthi kunecala elivuliwe lokubulawa komuntu.