Izindaba

OwezeMfundo ePhakeme usikaza ukuvala amakolishi adumile

Mhlengi Shangase|Published

Buti Manamela

Image: Supplied

ASENGCUPHENI yokuvalwa amakolishi amathathu azimele, emuva kokuhluleka ukuhlinzeka uMnyango weMfundo ePhakeme, ngolwazi olumqoka oluthinta nokusebenza kwalezi zikhungo.

UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Buti Manamela, usikaza ukuvala la makolishi amathathu, okuyiDamelin, City Varsity ne-ICESA City Campus. Akuqali ukuthi umnyango usikaze ukuvala la makolishi azimele nanomlando kuleli, njengoba naphambilini ahluleka ukuletha lolu lwazi kwaze kwadingeka ukuthi alulelwe isikhathi sokululetha. Agcine ehlulekile ukululetha phezu kokuba alulelwa isikhathi ngonyaka.

Phakathi kolwazi olufunwa ngumnyango kubalwa umbiko wonyaka wokusebenza kwalezi zikhungo, umbiko ngokusebenza kwemali nezitifiketi zentela ezivela kuphiko oluqoqa intela kuleli, iSARS.

Okhulumela uManamela, uNksz Matshepo Seedat, uthe lezi zikhungo zihluleke ukuletha ulwazi nakuba zalulelwa isikhathi kusuka ngoJuni 2024.

Uthe zaphinde zanikwa omunye umnqamulajuqu wokuthi zilethe ulwazi oludingekayo, owawungoJuni 6, kulo nyaka, nakhona zahluleka ukuhlangabezana nalo mnqamulajuqu.

"Bese kunesikhathi lezi zikhungo zihluleka ukuletha ulwazi oludingekayo njengezikhungo ezihlinzeka imfundo ephakeme kuleli nangokuyalela komthetho olawula imfundo ephakeme kanjalo nethinta ukubhaliswa kwezikhungo ezizimele. Lesi sinqumo sizothathwa ukuvikela izitshudeni nesithunzi sezemfundo ephakeme." 

Uthe umnyango unesibophezelo sokuqinisekisa ukuthi izikhungo ezizimele zihlinzeka imfundo esezingeni.

"Lezi zikhungo zihluleke ngisho ukuletha ulwazi oluthinta ezokuphepha lapho kufundelwa nalapho kusetshenzelwa khona. Umnyango uthole ulwazi lokuthi izikhungo ezimbili, i-City Varsity ne-ICESA City Campus, azisasebenzi, okusho ukuthi azisayihlinzeki imfundo. Sizokhipha isimemezelo sokuthi sihlose ukuzivala emqulwini kahulumeni, i-Government Gazette, silandela umthetho olawula imfundo ephakeme."

Uveze ukuthi bazozinika ithuba lezi zikhungo ukuthi zilethe izethulo njengokuyalela komthetho.

"Sizoqinisekisa ukuthi izitshudeni ziyavikeleka ngokuthi zihlinzekwe ngemfundo. Azikwazi ukuqhubeka zisebenze izikhungo ezehluleka ukuhambisana nemigomo ebekiwe elawula ezemfundo kuleli ngoba zibeka engcupheni ikusasa lezingane." 

Uthe izikhungo kumele zisebenze ngendlela esemthethweni. 

La makolishi asabalele ezweni lonke, anomlando njengoba eneminyaka ehlinzeka imfundo kuleli.