SIYA MHLONGO USIYA MHLONGO obhekene necala lokushaya
Image: SITHUNYELWE
AKUKACACI ngesigwebo esizonikezwa obengumsakazi woKhozi FM, uSiyabonga "Siya" Mhlongo, emuva kokuba abameli bakhe ngoMsombuluko benxuse iNkantolo yeMantshi yaseThekwini ukuba ibavumele bafake esinye isicelo ngokuthize. Nebala inkantolo isamukele isicelo sabameli bakaSiya, yabe seyinquma ukuba basifake kusasa.
Empeleni uSiya kwakufanele agwetshwe ngoNovemba 27 kodwa imantshi, uMnuz Mhlonipheni Sibiya, yakuhlehlisela uMsombuluko esibuya kuwo njengoba nakuwo kubuye kwahlehliswa ngenxa yesicelo sabameli bakammangalelwa.
NgoNovemba 5, uSiya (42) walahlwa yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa owayeyisinqandamathe sakhe, uNjabulo Duma (30). USibiya wathola uSiya enecala lokushaya uNjabulo ezinzulwini zobusuku ngoSepthemba 1, 2024.
Lesi sigameko saphoqa abaphathi boKhozi FM ukuba bagcine bemkhombe indlela uSiya ngokuthi bangasivuseleli isivumelwano abebenaso nale nsizwa eyayisakaza uhlelo, Ubusuku Obuhle.
Kwenzeka lokhu nje, uSiya uhluleke wancama ukunxenxa inkantolo ukuba ichithe ubufakazi bommangali ngoba "buntekenteke futhi bungesebenziseke enkantolo".
Le mizamo kaSiya kwafana nokuthi wayethela amanzi emhlane wedada njengoba inkantolo yaphikisa isicelo ayesifakile.
Abameli bakaSiya babekhala ngokuthi kukhona lapho ummangali athi khona akazange ambone uSiya emjikijela ngebhodlela ngoba wayesabheke phansi wezwa ngalo selimshaya. Bathi kuyona le nkantolo waphinde wathi wambona uSiya emjikijela ngebhodlela. Okunye abakhala ngakho abameli bakaSiya wukuthi kungani inkantolo ithembe ubufakazi obethulwa umuntu okwenzeka isigameko ecwile ezinkambeni zikaFaro.
Bakhala nangokuthi ummangali wathi waklinywa ekubeni udokotela owamhlola wafika enkantolo wathi zazingekho izimpawu zokuthi ngempela waklinywa. Nakuba kunjalo imantshi yamchitha uSiya.