Izindaba

I-MK ayinake izindaba zayo - IFP

Sabelo Nsele|Published

Umholi we-IFP Velenkosini Hlabisa.

Image: Picture: Timothy Bernard / Independent Newspapers

I-IFP isitshele iqembu elifuna ukuketula uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ukuba linake izindaba zalo.

I-IFP iyalele iMK ukuba ifake izikhalazo ezinhlakeni ezifanele uma kuwukuthi kayeneme ngobuholi bukaNtuli.

I-MK ifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli esizolalelwa esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ngoMsombuluko.

Esiphakamisweni sokungabethembi ubuholi bukaNtuli, iMK isola lo Ndunankulu ngokuqamba amanga ngesikhathi ebuzwa ngezindleko zohambo lwakhe lwaseMelika, iphinde imsole ngokwahluleka ukuthathela izinyathelo abaphathiswa abasolwa enkohlakalweni.

I-IFP ibhunge ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli emhlanganweni wesigungu esiphezulu obungoMsombuluko.

Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe banqume ukuthi bazomeseka uNtuli.

UHlengwa uthe uNtuli usawenza kahle umsebenzi wakhe, wathi isiphakamiso seMK asinasisekelo.

"Lena imizamo nje yokuphazamisa ukusebenza kukahulumeni waKwaZulu-Natal oholwa uNtuli. Kuningi okuhle esikubonile kwenzeka ngaphansi kobuholi bukaNtuli, okubalwa kukho ukutshwala kwemali engu-R100 billion. Lokhu kukhombisa ukuthi abatshalimali bayawuthemba uhulumeni wesifundazwe."

UHlengwa uthe iMK izifunela ukubukwa.

"Ukube bakhathazekile okwangempela bebezobhalela izinhlaka ezigade ukusebenza kukahulumeni. I-MK kufanele ifake umfutho ekuxazululeni izinkinga esifakwe kuzo yiyona okubalwa kuzo abantu abavaleleke empini ephakathi kweRussia ne-Ukraine. Laba bantu baluthwa lapha kwathiwa bayoqeqeshelwa ukuba abaqaphi."

I-MK inezihlalo ezingu-37 kwezingu-80 esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

Onke amaqembu ameleleke esiShayamthetho avele asephumele obala, asho ukuthi ngeke aseseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli.

Amaqembu abusa ngokubambisana, i-IFP, ANC neNFP anezihlalo ezingu-41 uma ehlanganisiwe.

Kulindeleke ukuthi kube ncane indawo ngaphandle kwesiShayamthetho uma sekulalelwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli.

Amalungu eMK nawe i-IFP azokuba nemibhikisho ngaphandle kwesiShayamthetho.