Izindaba

I-AARTO izoshaya kakhulu abashayeli bamatekisi

INTATHELI YESOLEZWE|Published

Amatekisi

Image: Ayanda Ndamane / Independent Newspapers

AZOPHELA amahlathi okucasha kubashayeli bamatekisi nakubo bonke abaphula imithetho yomgwaqo bephindelela uma kuqala ukusebenza kohlelo i-Administrative Adjudication of Road Traffic Offences (AARTO) ngokuphelele ngonyaka ozayo.

Abashayeli abaphula imithetho bangazithola sekuhoxiswa izincwadi zabo zokushayela okanye baphoqeleke ukuthi bafunde kabusha ukushayela ukuze bathobele imithetho.

Iziphathimandla zezokuthutha, zithi ngaphansi komthetho omusha, noma yikuphi ukuphulwa komthetho okuzokwenziwa wumshayeli, igama lakhe lizofakwa kwirejista ya-online lapho kuzogcinwa khona wonke amarekhodi abashayeli abaphambana nehlombe. Amaphoyisa azokwazi ukubheka noma yinini kulolu hlelo uma emisa umshayeli emgwaqweni onoma yikuphi ezweni.

UMnuz Collen Msibi woMnyango wezokuThutha uthe uhlelo lwe-AARTO kuhloswe ukuthuthukisa ezokuphepha emigwaqweni yakuleli.

“Kuzofakwa yonke imininingwane nomlando wabashayeli abaphula imithetho futhi asebeke bathola izinhlawulo. Akusikho ukuthi kuzophunywa iqhubu nabantu abathile kuphela, kepha wonke umuntu uzovela. Uma uke waphula umthetho wathola ithikithi igama lakho lizovela. Kuzotholakala yonke imininingwane yomuntu owumshayeli,” kusho uMsibi.

Yize lesi sikhulu sikhuluma kanjena kepha seziqalile izinkulumo zokuthi abashayeli bamatekisi yibo abazogqilazeka kakhulu kulolu hlelo. Njengoba kuyibo abachitha isikhathi esiningi besemigwaqweni yibo futhi abanamathuba amaningi okwephula umthetho. Emadolobheni amaningi amakhulu bayaziwa ngokuziphatha ngendlela ehlukile kunabanye abashayeli - befuna ukudlova okuhambisana nokwephulwa komthetho. Isikhathi esiningi basuke bebangisana ngokuthola abagibeli okubenza bagcine bengasaqikeleli ukuthobela imithetho. Kuthiwa kuyenzeka ngenyanga eyodwa umshayeli wetekisi abuthe amathikithi omgwaqo amathathu noma ngaphezulu. Kodwa kuyavela nokuthi akusibo bonke abashayeli bamatekisi abanomkhuba wokungaziphathi kahle emigwaqweni. Lokhu kuhambisana nezinhlelo zokuklomelisa labo abaziphatha kahle. 

Uhlelo lwe-AARTO luzokwenza isiqiniseko sokuthi kubhekwana ngendlela efanayo nabashayeli abaphula imithetho ezweni lonke. Seluqalile ukusebenza eTshwane naseJohannesburg kanti kuhlelwe ukuthi lube selusebenza yonke indawo ezweni ngoJulayi wonyaka ozayo. Bekumele luqale kulo nyaka kodwa kwavela ukuthi abanye omasipala bebengakulungeli ukusebenza kwalo.

“Uhlelo we-AARTO lusho ukuthi abantu ngeke besabekwa amacala ngokuphula imithetho yomgwaqo bese beyoquliswa ezinkantolo, kepha bazobanjwa uma sebefuna ukuvuselela izincwadi zokushayela okanye bethelela izimoto,” kuchaza uMsibi.

Lokhu kusho ukuthi umuntu oziphilisa ngokushayela itekisi ngeke akwazi ukuvuselela izincwadi uma enamarekhodi okuphula imithetho yomgwaqo - okungasho ukuphela kwephalishi. Kuzokwenzeka futhi kumiswe izincwadi zomshayeli oziphatha budlabha.

UMsibi uthe uhlelo olusha luza nezinguquko njengokuthi uma ukhokhela ithikithi lomgwaqo ezinsukwini ezingu-32 uzothola isaphulelo sika-50%. Uma ugejwe yilesi sikhathi uzokube sewukhokha isamba esiphelele.

“Kuzokuba nohlaka lwe-AARTO oluzolalela izikhalo esikhundleni sokuthi abantu bayiswe ezinkantolo.” 

Esinye isigaba sohlelo kuzoba wukuthi abashayeli abanamathikithi ngeke bakwazi kwenza lutho ngaphambi kokuba bakhokhe yonke imali yezinhlawulo abazinikwe amaphoyisa.

“Wonke umshayeli unamaphuzu angu-15, azolokhu enconzuka kancane uma ephule umthetho. Uma esewabhubhudle wonke, izincwadi zakhe zizomiswa izinyanga ezintathu.”

Uma izincwadi sezike zamiswa kwaze kwaba yikathathu, lowo mshayeli esethathwa njengomuntu okusegazini kuye ukuphula imithetho - ilayisensi yakhe iyasulwa bese kudingeka aqale phansi afake isicelo sayo kabusha ukuze ahlunyeleliswe isimilo. 

“Kunohlelo lokufundisa nokuhlomisa abashayeli asebehlule ngokuthi yini okungafanele bayenze emigwaqweni. Kuwuhlelo lokuhlala phansi, lapho sikweluleka ngezindaba ezikwenze wafinyelela ekutheni uphucwe ilayisensi futhi sikusize ukuthi uthathe ilayisensi yakho kabusha,” kusho uMsibi.

Kuthulwa lolu hlelo nje, kunokukhathazeka nangokwanda kwabantu ababoshwa bezama ukugwazela amaphoyisa emigwaqweni.

"NgePhasika eledlule nangoDisemba, bekunenqwaba yabantu ababoshelwe ukuzama ukugwazela amaphoyisa. Ngakho sizama ukuqinisa umthetho. Asisho ukuthi amazambane abolile awekho, kodwa kukhona abantu abazimisele ngomsebenzi wabo futhi bazobopha labo abazama ukugwazisa nokugwazela. Njengoba amaphoyisa eqinisa umthetho, sikholwa wukuthi abantu bazothuka benze okufanele," usho njalo.

I-AARTO yethulwa okokuqala ngo-1998 futhi kuhloswe ngayo ukukhuthaza ukuphepha emigwaqweni, ukunqanda ukuphulwa kwemithetho yomgwaqo kanye nokwethula uhlelo lukazwelonke lwamaphuzu ukubhekana nabaphula imithetho.

Khonamanjalo, iziphathimandla zomgwaqo ziqinise isandla emigwaqweni yakuleli njengoba kuqala amaholidi kaDisemba. Abashayeli abanezinhlawulo ezisasele baxwayiswa ngokuthi bakhokhe.

Njengamanje zingu-32 million izinhlawulo ezingakhokhiwe eNingizimu Afrika, ezifinyelela ezigidini zamarandi, ngokusho kweFINES SA, okuyinkampani esiza abashayeli maqondana nezinhlawulo ezingakhokhiwe.

UMasipala weTheku uthe ukwehluleka kwabashayeli ukukhokha izinhlawulo kuba nomthelela omubi ekuqoqweni kwemali wumkhandlu.