Izindaba

Kuzongathwa isidumbu sesihlanu eVerulam

Nonkululeko Nhlapo|Published

Uyaqhubeka umsebenzi wokuthungatha abasebenzi abavaleleke kwimfucuza kulandela ukuwa kwesakhiwo saseVerulam

Image: IPSS medical rescue

Uyaqhubeka umsebenzi wokuthungatha abasebenzi besakhiwo saseVerulam esiwe ngoLwesihlanu.

NgoLwesihlanu emini, amathimba ezinhlekelele nabezimo eziphuthumayo  baphuthume eVerula, lapho kwakhiwa khona ithempeli  ngemuva kokuthola imibiko yokuwa kwalesi sakhiwo.

Imibiko yokuqala iveze ukuthi kunabantu abaningi abavaleleke ngaphansi kwemfucumfucu, kanye nalabo abavaleleke kuvulandi.

Ngesikhathi efika, amathimba e-IPSS Search & Rescue, eMnyangweni Wezomlilo eThekwini, Netcare911, Durban Metro Police SAR kanye ne-SAPS Search & Rescue, ahlole isimo ngokushesha. Kuthathwe isinqumo sokuhlenga labo abebevaleleke, abebethole imihuzukwana nje.

Ithimba labe seliqala umsebenzi wokuzama ukufinyelela labo abavaleleke. Umsebenzi uqhubeke kwaze kwaba sebusuku ngoLwesihlanu, kwaze kwathathwa isinqumo sokumisa ukuthungatha. Ngehora lesihlanu ekuseni ngoMgqibelo ekuseni, amathimba e-IPSS Search & Rescue, SAPS SAR, Durban Metro Police SAR, SARZA nomnyango wezomlilo eThekwini, abuyile aqhubeka nokuthungatha. Kutholakale izidumbu ezine sabantu besilisa. Ntambama ngoMgqibelo, kuphoqeleke ukuba kumiswe ukusebenza ngenxa  yesimo sezulu.

Bazophinde babuyele kule ndawo ngeSonto ekuseni, njengoba esaqhubeka nokusebenza wokufuna isidumbu sesihlanu.