Izindaba

Kukhona okusina kubajeqeza abangakawashintshi ama-number plate

INTATHELI YESOLEZWE|Published

KULINDELEKE ukuthi wonke umuntu ashaye ngohlobo lwe-number plate entsha KwaZulu-Natal kusuka namuhla

Image: File / Screengrab

KUSUKA namuhla ungahlawuliswa noma imoto yakho iboshwe ephawundini okanye uzithole sewugqigqa inkantolo uma kuwukuthi imoto yakho ebhaliswe ngaphansi koMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, isafakwe i-number plate endala.

Izolo bekuwusuku lokugcina ukuba abanikazi bezimoto esifundazweni bashintshele kuma-number plate amasha. NgoMgqibelo bekuvele ukuthi babalelwa ku-19 018 abebengakashintshi. Kubonakale olayini abade ezindaweni okuthelelwa izimoto - kugcwele abantu abasukume ngemizuzu yokugcina. Akusibo bonke abasizakele njengoba kushaye isikhathi sokuvalwa kwezikhungo abantu besewujenge.

UMphathiswa woMnyango wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, ukhiphe isexwayiso esishubile kwabahlulwe wukubamba umnqamlajuqu wayizolo.

Lokhu kulandela ukuthi abanikazi bezimoto banikwe iminyaka emibili ukuba baguqukele ohlelweni olusha njengoba izinombolo ezintsha ezigcina ngo-ZN zithulwe ngoDisemba 2023. 

Iziphathimandla bezilokhu zigqugquzelea abanikazi bezimoto ukuba bashintshele ezinombolweni ezintsha kusuka ngoMashi nyakenye. Lokhgu bekwenzeka nxa kuthelelwa izimoto.

NgokweNational Traffic Act, izinombolo ezindala zizobe zingasasebenzi kusuka namuhla.

UDuma uthe zingu-1 782 839 izimoto ezibhaliswe kulesi sifundazwe, wathi ezingu-76 774 zinamalayisensi angavuseleliwe

“Sijabule ngendlela abantu baKwaZulu-Natal abasukumele ngayo umkhankaso wezinombolo ezintsha. U-95% wabo ukwazile ukuguqula izinombolo kusenesikhathi,” kusho uDuma.

“Zibalelwa ku-19 018 izimoto okusamele zishintshwe. Umthetho awuvumi ukuba kululwe umnqamulajuqu.”

Ugcizelele ukuthi ukushintshwa kwezinombolo kubangalwe yizizathu ezimbili okungesokuphela kwezinombolo kwezinye izindawo nokuthi uhlelo lwaseKZN luhambisane nolukazwelonke.

Izinombolo ezindala bezibiza amadolobha obekwenza kokunye ukusetshenziswa kwazo kudale ukuthi abantu baphucwe kalula izimoto ngoba kubonakala ukuthi bayizihambi.

Okunye okumqoka okubalulwe yizikhulu wukuthi ezinombolweni ezintsha kuzogwemeka izimoto “ezingamawele” obekwenziwa yizigebengu zisika amapuleti anezinombolo ezifanayo ngenhloso yokwenza ubugebengu.