Izindaba

Umasipala nohlelo lokugwema udungunyane lwamaDelangokubona

Nkosikhona Cele|Published

Sithunyelwe IMEYA yaKwaDukuza, uMnuz Siduduzo Gumede

Image: Ezokwakha

USUHAMBE ibanga elide kakhulu uMasipala waKwaDukuza ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi akukhinyabezeki ukulethwa kwentuthuko ngenxa yamaDelangokubona.

Lokhu kudalulwe yiMeya yaKwaDukuza, uMnuz Siduduzo Gumede, ngesikhathi ikhuluma engqungqutheleni enkulu yokubhunga kabanzi ngezokwakha ebiseBandla Hotel, eBallito, ngoLwesithathu.

Inhlosongqangi yale ngqungquthela kuhlalukile ukuthi bekungukuhlanganisa ochwepheshe emkhakheni wezokwakha ukuze kuqhanyukwe namasu okuqinisa ingqalasizinda ukubhekela izinguquko zesimo sezulu futhi kuthuthukiswe umkhakha wezokwakha.

Le ngqungquthela uMasipala waKwaDukuza ubukade uyenza ngokubambisana nenhlangano, iNational Regulator for Compulsory Specifications (NRCS) ebhekele ukuqinisekisa ukuthi imikhiqizo nezinto zokwakha ezisetshenziswayo iphephile futhi ihambisana nemigomo esemthethweni yokuqinisekisa ukuvikeleka kwabantu ezakhiweni.

UGumede uthe njengoba kukhulunywa ngezokwakha okufanele zibe sesimeni esikahle lokho kuqala ekudalekeni kwamathuba omsebenzi ngoba izakhiwo kumele kube khona abazakhayo.

Uthe sebehambe ibanga elide ekuqinisekiseni ukuthi amaDelangokubona awakuphazamisi ukwakhiwa lwezakhiwo athe kusuke kuyintuthuko eya ebantwini.

"Sesibe nemisebenzi eminingi emikhulu edla izindodla zemali. Kodwa yonke ihambe kahle kwangaba bikho abazibiza ngamaDelangokubona abaphazamisa uhlelo lokwakha," usho kanjena.

 

Uthe lokhu kwenzeka kalula ngenxa yokuthi baye baqale bahlale phansi kuxoxiswane nabafisa ukubandakanyeka ezinhlelweni zokwakhiwa kwengqalasizinda.

"Lokhu kuyasilekelela kakhulu ngoba bagcina sebekwazi ukwabelana ngemisebenzi ngaphandle kokuthi kube khona udungunyane. Lokhu kubambisana okuhle siyakukhuthaza kakhulu ukuthi makuqhubeke kubonakale ukuze kungathikamezeki intuthuko lapha KwaDukuza," usho kanjena.

Uthe kuseqhulwini kubona ukwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi intuthuko iya ebantwini ngaphandle kwenkinga.

Ugcizelele kakhulu ukuthi kwakhiwe izakhiwo okungeke kube lula ukuthi zikhahlanyezwe wukuguquguquka kwesimo sezulu.

Esinye sezikhulu zeNRCS, uMnuz Duncan Mutengwa, sithe okwabo wukubheka ngeso elibanzi ukuthi ngabe ikulungele yini ukusebenza imikhiqizo esetshenziselwa ukwakha.

Lokhu uthe kumqoka kakhulu ngoba kugwema izinhlekelele eziye zenzeke uma kuya ngokuthi kukhona okungahambanga kahle esigabeni esithile sokwakha.