Izindaba

Zikweleta izigidi zemali kagesi izikole zabaphila nokukhubazeka

Nkosikhona Cele|Published

Izikole AMALUNGU enhlangango yabaphila nokukhubazeka, iSenase ngesikhathi ebize isithangami nabezindaba ngezinkinga ababhekene nazo

Image: SITHUNYELWE

SEBEPHUMELE obala baveza usizi ababhekene nalo abenhlangano yezikole zabaphila nokukhubazeka, iSouth African National Association For Special School (Senase).

Bebebize isithangami nabezindaba ebesiseKhulangolwazi Special School, eMontclair, eThekwini kuleli sonto.

Le nhlangano ikhala ngoxhaxha lwezinkinga ethi zikhinyabeza imfundo yabantwana.

Noma kukuningi ababalisa ngakho kodwa eqhulwini bakhala ngesikweletu sikagesi abathi sesimba eqolo abasakwazi ukusikhokha.

Baveze ukuthi isikole ngasinye sinesikweletu sikagesi esisuka kuhhafu wesigidi kuya phezulu.

Leso yisimo abathe sesiqala ukuphazamisa kakhulu njengoba kungekho lapho bethola khona ukusizakala ngale ngwadla.

Usihlalo wale nhlangano, uNkk Dudu Moloi, uthe: "Sibhekene nenkinga enkulu kulezi zikole. Inkulu kakhulu manje imali isikole ngasinye okumele siyikhokhe ngenxa kagesi. Inzima kakhulu le nto esizithola sibhekene nayo." 

Uthe ugesi bawukhokhela ngemali yabo njengoba nemali evela eMnyangweni wezeMfundo iza ngonyawo lonwabu.

"Uyabona nje satshelwa ukuthi imali evela eMnyangweni wezeMfundo izohlukaniswa ngezigaba ezine. Kodwa manje uyaphela unyaka, kukabili kuphela kungena leyo mali. Eyokuqala ingene ngoJuni, eyesibili isanda kungena. Lokhu kusho ukuthi unyaka uyaphela kodwa kunemali yezikole zabaphila nokukhubazeka engakangeni," kusho yena.

UMnuz Khetha Khumalo oyiphini likasihlalo wenhlangano uveze ukuthi kuningi okunye okungahambi kahle kulezi zikole. Phakathi kwakho ukhale ngamabhasi amadala asetshenziselwa ukuthutha abafundi abaphila nokukhubazeka.

"Iqiniso wukuthi konakele la mabhasi awasekho nhlobo esimeni sokuthi angasetshenziswa ngabafundi bethu. Sifisa ukuthi le nto ibhekwe ngeso elibanzi," kusho yena.

Bazwakalise ukungenami kwabo baveza ukuthi bayile ehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli beyoveza izinkinga ezibhekene nalezi zikole.

Bathe ihhovisi likandunankulu labathembisa ukuthi ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa kukhona elizobe selikulungisile.

"Sihlangane nabo ekupheleni kuka-Okthoba. Kade zaphela izinsuku eziyisikhombisa kodwa kusathulekile," kuchaza uKhumalo.

Le nhlangano iphinde yakhala ngosizi lwesibalo esincane sothisha abakulezi zikole.