UFATA Mthokozisi Innocent Khanyile
Image: SITHUNYELWE
IKHULUNYELWA phansi ebandleni lamaRoma aKhatholika eyabazalwane baleli bandla okuthiwa babulale uFata "ngephutha" kade bemgxingxa utshwala nezidakamizwa befuna ukweba umnikelo webandla.
Isolezwe lithole ukuthi uFata Mthokozisi Innocent Khanyile (43) obekade engumelusi wePherishi yaseMbumbulu, iSt Marumba, ushone ngeSonto ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukufa kukaFata Khanyile. Uthe amaphoyisa aseMbumbulu aphenya icala ngemuva kokuba kutholakale isidumbu sowesilisa singenamanxeba.
Kuvela ngemithombo ukuthi abesifazane abangamalungu aleli bandla bamgxingxe utshwala nezidakamizwa ukuze adakwe alale angazi nanyaka bese bethola nentuba yokuthatha imali yomnikelo.
Umthombo uthe kuthe sebebona ukuthi useshonile uFata bethuka koma nasozwaneni kodwa basale sebeqhubeka nokweba imali yebandla.
"Baqhubekile bayithatha imali yebandla njengoba bebevele behlose khona lokho. Kodwa yiqiniso ukuthi kuphume isidumbu ngenxa yabantu ebebefuna ukweba imali yebandla," kuchaza umthombo ongaphakathi ebandleni.
Uqhuba uthe badangele kakhulu ngalesi senzo esize saholela ekutheni kuphume umphefumulo.
“Sithole ukuthi isidakamizwa abasisebenzisile siyingozi futhi sijwayele ukuxutshwa kakhulu nensangu,’’ kuchaza umthombo. Kokwa-ke ibingakaphumi imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukufakazela okushiwo umthombo ngesidakamizwa.
Isolezwe lithole ukuthi abazalwane abenze lokhu bebekujwayele vele ukuhlala noFata kube mnandi kuphuzwe iziphuzo ezinhlobonhlobo.
Kune-voicenote yomunye okusolakala ukuthi ubeyingxenye yalokhu Isolezwe elinayo. Kuyona kuzwakala owesifazane ethi: "Angithi nje u…..(egagula igama lomzalwane) ubekade emgxingxa ngotshwala wase emnikeza nalesi sidakamizwa esidliwa nensangu. Nami ngiyizwile yangihlula ngayizwa ukuthi ayikho kahle ngashaywa yinzululwane. Ngibe sengibashiya bodwa ezansi ngaya phezulu ngafike ngaphuza amanzi amaningi. U…… ubelokhu emthelela utshwala. Ngaleso sikhathi uFata bese evevezela.’’
Udaba lokudlula emhlabeni kukaFata Khanyile lufinyelele kwiDayosisi yaseMariannhill abekade engaphansi kwayo. Lokhu kufakazelwe wukuthi neNhloko yaleli bandla kule Dayosisi, uMbhishobhi Neil Frank (OMI), isibhonge emswaneni ngalo mshophi.
Ngaphambi kokuba aye kwiPherishi yaseMbumbulu uFata Khanyile ubekade ehola iPherishi yaseDassenhoek, iFrancis Xavier, kusuka ngo-2021 kuya ku-2025. Uke wasebenza futhi nakwiDayosisi yaseDundee.
Lolu daba kuvela ukuthi aluhlalanga kahle kubazalwane ebehlukene bebandla njengoba kuthiwa banemibuzo eminingi. Kuthiwa abanye babuza ukuthi kanti kuvumelekile yini ukuthi oFata bazitike ngotshwala nabazalwane?