Izindaba

UShauwn ucasule obengumyeni wakhe uMpisane

Bongani Hans|Published

USHAUWN Mkhize usolwa ngobengumyeni wakhe uMnuz Sbu Mpisane ngokulibazisa ukuphothulwa kwesehlukaniso

Image: SIGCINIWE

UMNUZ Sbu Mpisane, owayengumyeni wempunyela uNksz Shauwn Mkhize, ukhwele wadilika kuShauwn ngokwephula umgomo wesehlukaniso sabo, owawuyalela uShauwn ukuba amnikeze ingxenye yamasheya ezimpahleni zabo, njengoba umshado wabo wawuhlanganisa amafa. 

UMpisane ukhathazekile ngezimpahla zabo ezihlukahlukene kanye nesamba semali ekwi-akhawunti kaShauwn, njengoba incipha ngenxa yokuthi inkampani eqoqa intela iSars idla kwasani ethinta uShauwn emuva kokwephula imithetho yokukhokhwa kwentela.

Ngokusho komthombo, uMpisane, owaduma ngokuvela komshado wakhe noShauwn, udliwa wukhwantalala lokuthi uShauwn uziba imiyalelo yeNkantolo eNkulu yaseThekwini ngemigomo yesahlukaniso esaphothulwa ngoNovemba 18 nyakenye.

"UMaMkhize (okuyigama okuteketiswa ngalo uShauwn), akatholakali njengoba engawuhloniphi umyalelo wenkantolo. Lokho kwenza ingxenye okufanele itholwe wuMpisane igcine seyidliwa yiSars futhi kudayiswe nezimpahla zabo abazithola besashadile," kusho umthombo osondelene noMpisane kodwa onqabile ukudalulwa.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela uShauwn engakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona kanti nommeli wakhe unqabile ukuphendula imibuzo. Kubikwa ukuthi ngesikhathi abakwaSars beyopequlula emizini kaShauwn eThekwini, eMgungundlovu naseGoli, kwashaqwa inqwaba yezimpahla ezimba eqolo ngenhloso yokukhokhelwa kwentela ebalelwa kuR40 million. Iqembu likaShauwn ebeligijima kwiPremier Soccer League iRoyal AM FC lafakwa nalo lapho maqede ladayiswa. UShauwn  wakhokha uR50 million ethenga iBloemfontein Celtic, eyagcina isibizwa ngeRoyal AM.

Ngesikhathi kuhlaselwa inkambu yeRoyal AM nalapho iziqeqeshela khona eRoyal Ranch eMgungundlovu, kwathathwa amaloli nefenisha kushaqwa izimpahla.

Amaloli athwala impahla encane nenkulu atheleka ezoshaqa izimoto zikaShauwn, okubalwa kuzo ezisebenza enkontilakeni yakhe nezinye iziqukathi. Phakathi kwezimoto ezashaqwa kukhona iLamborghini,  Rolls-Royce,  Mercedes-Benz Maybach, BMW X6, Mercedes-Benz-AMG G63,  Toyota Hilux Legend 50 neMercedes-Benz S-Class. Kubikwa ukuthi ama-akhawunti kaShauwn avaliwe.

Ngokwe-bscholarly.com/richest-women-in-south-africa, uShauwn wayebhekene nezinkinga zentela ngo-2024 ekubeni ayekleliswe kunombolo 12 ohlwini lwabesifazane abayizinjinga kuleli futhi kwathiwa unempahla ebiza u-$300 million, okuyimali elingana no-R51 billion ngokwemali yakuleli.  Umshado kaMpisane noShauwn wawungo-1991 kodwa ngaleso sikhathi uMpisane wayeyiphoyisa lomgwaqo eThekwini ekhomba ngophakathi. 

IMercury enguzakwabo weSolezwe yabika ukuthi uMpisane wayehola uR15 000 ngenyanga ngo-2008 kuMasipala waseThekwini kodwa ehamba ngeLamborghini uma eya emsebenzini ephuma emzini kaR17 million eDurban North. Kwavela ukuthi le mpilo yomntakabani uMpisane wayeyiphiliswa yimali yamathenda uShauwn ayewathola ngenkampani yakhe yokwakha iZikhulise. 

Kuthiwa uMpisane akakwazanga ukuxhumana nobengumkakhe mayelana nengxenye yamasheya akhe. Usezame kaningi ukuxhumana noShauwn ukuze baphothule eyesehlukaniso kodwa akatholakali 

"Kubikwa ukuthi (uShauwn) wabonakala eSwatini, lapho kuthiwa ubambe iqhaza eqenjini lebhola," kusho umlingani kaMpisane.

Emuva kokuphucwa iRoyal AM, uShawun wavumbuka esenguMengameli weqembu laseSwatini iMbabane Highlands FC. Umthombo uthe uMpisane uhlela ukufaka lolu daba enkantolo ukuze athole umkhombandlela ngesinyathelo okufanele asithathe njengoba uShauwn eziba imiyalelo yenkantolo. "Isehlukaniso sesiphothuliwe,hodwa owasifaka ngo-2018,akatholakali ukuze aqedele konke akuqala."

Ethintwa uMpisane, uthe akakwazi ukuphawula ngoba akuyena owafaka isicelo sesehlukaniso. "Okungcono thinta uMaMkhize owafaka isicelo sesehlukaniso futhi uyena okufanele aphendule le mibuzo," kushaya uMpisane ngezinqamulelayo.

 

 

USHAUWN Mkhize usolwa ngobengumyeni wakhe, uMnuz Sbu Mpisane ngokulibazisa ukuphothulwa kwesehlukaniso sabo

Image: SIGCINIWE

USHAUWN Mkhize usolwa ngobengumyeni wakhe, uMnuz Sbu Mpisane ngokulibazisa ukuphothulwa kwesehlukaniso sabo USHAUWN Mkhize usolwa ngobengumyeni wakhe, uMnuz Sbu Mpisane ngokulibazisa ukuphothulwa kwesehlukaniso sabo

Image: SIGCINIWE

USHAUWN Mkhize usolwa ngobengumyeni wakhe, uMnuz Sbu Mpisane ngokulibazisa ukuphothulwa kwesehlukaniso sabo

Image: SIGCINIWE

USHAUWN Mkhize usolwa ngobengumyeni wakhe, uMnuz Sbu Mpisane ngokulibazisa ukuphothulwa kwesehlukaniso sabo

Image: SIGCINIWE

USHAUWN Mkhize usolwa ngobengumyeni wakhe, uMnuz Sbu Mpisane ngokulibazisa ukuphothulwa kwesehlukaniso sabo

Image: SIGCINIWE