Izindaba

Yeka ukuqhathanisa umuntu wakho nobumqomile

Distance Gumede|Published

UMELULEKI wezobudlelwano bezothando uxwayisa izithandani ngobungozi bokuqhathanisa umuntu othandana naye nowesahlukana naye

Image: FREEPIK

KUNABANTU abaqoma bengakapholi futhi bengakakhohlwa yizithandwa zabo, umuntu aqome ngoba ethi uzama ukupholisa amanxeba okuthi waliwe okanye uhlukumezekile lapho ephuma khona, bese eqome/aqonywe esadiniwe ngoba inhliziyo isasele emumva bese ezama ukubasela lona aphuma kuye.

Omunye afune ngisho ukuthandana nomuntu ocishe afane nalona asuka kuye, aze azame ngisho ukumshintshisa indlela agqoka ngayo ngoba efuna afane nalona asuka kuye.

Akugcini lapho ngoba le nto iyabhebhetheka igcine seyona "uthando" esingazi noma lusuke lukade lukhona yini, agcine umuntu eseqhathanisa athi" usibanibani wayengcono kabi kunawe, usibanibani wayengakwenzi ukuthi nokuthi, ngenkathi ngisathandana nosibanibani ngangingayidli into ethile". Lapho uyabona ke ukuthi umuntu useyaziveza ukuthi kahle hle inhliziyo yakhe ayikho othandweni lwenu kodwa isasemumva lapho esuka khona.

Namhlanje ngifisa abantu bazifundise ukwelapheka/ukuphola ngaphambi kokungena emjolweni olandelayo ngoba ukungena nenhliziyo ebuhlungu kuyalumosha uthando kuphinde kuhlukumeze lo muntu osuke ekuthanda ngempela, omunye umuntu ugcina eselahlekelwa wumuntu omthanda ngempela ngenxa yokuqhathanisa.

Ngiyazi ukuthi uma usanda kuphuma emjolweni usuke uphithene ikhanda ufisa sengathi kungenzeka umlingo ukuze lo muntu okuhlukumezile ezwe ubuhlungu, omunye ugcina eseqoma noma wubani ngoba inhliziyo isuke ibuhlungu ethi uzama ukuphola.

Engingakusho wukuthi ungaqhathanisi umuntu othandana naye nabantu osudlule kubo, ungangeni emjolweni ngelukuluku, hlala phansi bese uyageza uphithizele wenze into ezokwenza ungacabangi kakhulu. Uzothi usulaphekile bese uyamthola umuntu ongeke umqhathanise kodwa ozomamukela enjengoba enjalo, ngaleyo ndlela awuzohamba uphatha kabi abantu abasuke bekuthanda ngeqiniso.