UYATHUTHUMELA uyise wengane edlwengulwe yizingane efunda naso
Image: SIGCINIWE
UYATHUTHUMELA uyise wentombazane (14) yaseNdwedwe Mission, othi idlwengulwe ngezinye endlini encane ngoLwesithathu olwedlule.
Lo wesilisa eligodliwe igama lakhe ukuvikela umgilwa, uthe namanje akuvumi ukuthi akholwe yinto eyehlele indodakazi yakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, ukuqinisekisile ukuthi kunesigameko sokudlwengulwa kwentombazane okubikwe ngaso ophikweni lwaKwaDukuza lwamacala athinta ucansi.
Ukuqinisekisile ukuthi kunamabhobhodleyana amabili aneminyaka engu-16 akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesine olwedlule, ngecala lokudlwengula.
"Kuvela ukuthi umgilwa ubekade eya kubo ngesikhathi kuqhamuka laba ababili bamdonsela endlini encane eseduze komgwaqo, maqede bamdlwengula futhi bekwenza belekelelana," usho kanjena.
Uthe okumzwisa ubuhlungu kakhulu ukuthi lokhu kwenziwe ngabantu abangomakhelwane bakhe.
"Kungiphatha kabuhlungu kakhulu ukuthi ingane yami yentombazane ivelelwe yinto ebuhlungu kanjena kodwa kuyangiqedela ukwazi ukuthi lokhu kwenziwe ngabantu abangomakhelwane bengane yami," kusho yena.
Udalule ukuthi kwale noma sebeshaywa ngabadala abenzi bobubi kodwa baqhubeka nokudlwengula, wathi kuze kwadingeka ukuba ingane iphuthunyiselwe usizo losonhlalakahle ngenxa yokuthi isimo sayo besibonakala sisibi kakhulu.
"Ngiyazibuza nje ukuthi ingane iyoke ilapheke nini emoyeni ngemuva kwalesi sigameko. Ngiyibonile selokhu ivelelwe yile nkinga, akusiyona le ngane ebengiyazi," echaza.
Uthe ngeke aze akuthole ukuphumula bungakenzeki ubulungiswa ngengane yakhe.
"Ngizimisele ngokuthi ngilwe kuze kube sekugcineni. Angeke ngithule nje ngigoqe izandla kube konakala," kusho yena.
Uthe okumnengayo ukuthi abazali babasolwa beseka izingane zabo, kabaliboni iphutha lomonakalo eziwenzile.