Vusi Shongwe
Image: Supplied
UMPHATHISWA wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, uphefumule ngokudlula emhlabeni kukaDkt Vusimuzi Shongwe ngemuva kokuxinwa ukugula isikhashana.
UKhawula uthe badumele kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaShongwe obengumqondisi kulo mnyango.
Phambilini, uShongwe uke waba sezikhundleni ezihlukene esebenzisana neNdlu yobuKhosi bukaZulu ngesikathi sisadla anhlamvana iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Udlule emhlabeni esebenzela umnyango, egxile ekukhuthazeni ukugcinwa nokuthuthukiswa kwamasiko.
UKhawula umethulele isigqoko uShongwe ngendima aseyikhathulile ekukhuthazweni kwamasiko nobuciko, wathi ubuholi bakhe bebugqamile kakhulu uma kukhulunywa ngamasiko.
UKhawula uchaze uShongwe njengendoda ebinesibindi futhi engakushalazeli ukuzwakalisa uvo lwayo noma ngabe kayesekwa muntu.
"UShongwe ubenza okungaphezulu kwabekuqashelwe kulo mnyango. Kuningi kakhulu okuhle akwenzile. Ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla bekubonakala zikhathi zonke," usho kanjena.
Uthe bagqemeke engeqiwa ntwala, bafa olwembiza ngokudlula kwakhe emhlabeni.
Ugcizelele kakhulu ukuthi umsebenzi awenzile kusakude ukuba ushabalale.
Lishone elayizolo sisikhulu isililo ngokudlula kukaShongwe emhlabeni.