Izindaba

UMakate uphawula ngabafuna u-40% wesamba avumelane ngaso neVodacom

Thabo Makwakwa|Published

UMSUNGULIi wePlease Call Me uMnuz Nkosana Makate

Image: Timothy Bernard / Independent Newspapers

Akudikizi nqulu kumsunguli wePlease Call Me, uMnuz Nkosana Makate, ngenkampani iBlack Rock Mining ethi inelungelo lokuthola ingxenye ka-40% wezigidi avumelane ngazo neVodacom ngokusungula lolu hlelo.

Phambilini iBlack Rock Mining yahoxa ekufuneni imali ithi ayikaze ikhokhele uMakate izindleko zabameli.

Ekhuluma ne-IOL ngoLwesibili, uMakate ukhombise ukumangala ngokuthi sekuqubuke le mibiko.

"Angikakawatholi amasamanisi noma izimpawu zokuthi bazoya ezinkantolo emuva kokuhoxisa isicelo sabo eNkantolo eNkulu ngonyaka odlule. Angikhathazekile ngalokhu futhi angazi ukuthi inkampani ingasho kanjani ukuthi kumele ithole ingxenye ekubeni yaphonsa ithawula enkantolo. Lokhu kuwukungisabisa ngokufuna imali," kusho uMakate.

Uthe abameli bakhe yibo asebezokhuluma uma kunesidingo futhi kukhona okuqhubekayo.

IBlack Rock Mining, emelwe yiSN Mnguni Attorneys Inc. ithumele incwadi kwaVodacom ifuna ukuthi le nkampani ingamkhokheli uMakate noma abameli bakhe iStemela & Lubbe Attorneys.

Ummeli uSinenhlanhla Mnguni uthe bakholwa wukuthi iStemela & Lubbe kungenzeka ingayabi ngendlela imali kwiBlack Rock.

Encwadini ebonwe yi-IOL, uMnguni ucele ukuthi iVodacom ikuqinisekise ukuthi ngabe isikugunyazile yini ukufakwa kwemali kwiStemela & Lubbe futhi yaxwayisa ngokuthii iBlack Rock izimisele ngokuthathela uMakate izinyathelo zomthetho uma imali iphuma engaphendulanga ngezikhalo zayo.

Ibeke umnqamulajuqu wangoMsombuluko yathi uma udlula izoya enkantolo iyofuna incwadi evimba ukuthi kuphume imali.