Limgojele owabulala obekhulelwe amawele
Image: Sigciniwe
LIMGOJELILE owesilisa obebekwe wuMbuso icala lokudlwengula nokubulala owesifazane owayekhulelwe amawele.
Ummangalelwa, uMnuz Ndabenhle Lindokuhle Majola, ubekade ebekwe amacala amabili elokudlwengula nelokubulala uNksz Inam Tshakeni (20).
Izolo, iNkantolo eNkulu yaseThekwini, imlahle ngawo womabili amacala uMajola. Kuvela ukuthi umufi wayekade ehambele indawo yobumnandi eseReservoir Hills, eThekwini, ngoJulayi 13, wonyaka owedlule.
Kuvela ukuthi kwathi umufi uma efika kule ndawo, wase ehlangana noMajola. Kuthiwa noMajola wagcina ebonakala ephuma ehamba naye umufi emfaka emotweni yakhe iFord Ranger.
Ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa, kwatholakala isidumbu sikaNksz Tshakeni silahliwe eCanelands, eVerulam, siphuke sakufahlaka izingalo nezinyawo.
UMajola wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuba efike kule ndawo yobumnandi ngemuva kokuba sekutholwe isidumbu. Kuthiwa kwathi uma efika, umnikazi wendawo waqaphela ukuthi uyilo mlisa ambone kwikhamera yendawo yebhizinisi ehamba noNksz Tshakeni.
Kuthiwa wavala amasango wangena ngaphakathi wase ebiza amaphoyisa.
Izolo, iJaji uBrenda Sibiya, lisebenzise ubufakazi obehlukene ukulahla ngamacala uMajola. Eqhulwini, ijaji lisole uMajola ngokuhhubhuza amanga enkantolo ngokuthi athi babekade bevumelene nomufi ngokuthi bazitike ngocansi emotweni.
''Ungasho kanjani ukuthi nanivumelene nomuntu ngokuthi nizitike ngocansi ekubeni ingxenye yomzimba wakhe wawulimele? Lokho kuveza ngokusobala ukuthi kwabe kuwucansi lwendluzula," lisho kanjena.
Liqhubekile ilaji, lasola uMajola ngokuthi ushaye ungqimphothwe wavuma ukuthi walala nomufi ngemuva kokuba esebonile ukuthi kunobufakazi obuphathekayo enkantolo bolibofuzo.
"Ukube wena awuzange uzwe ukuthi izinto ziyakubhedela ngokuphika ukulala nomufi namanje ngabe usaphika. Kodwa ugcine uvuma ngoba nakhu usubona ukuthi uMbuso unobufakazi obuphathekayo bokuthi walala nomufi," kusho ijaji.
Liqhubekile, lasola uMajola ngemizamo yokwakha isithombe-mqondo sokuthi umufi nguyena owazicelela ukuhamba naye.
''Kukhona konke okukhulumile inkantolo, ikuqaphelile ukuthi ubumane uzisholo nje ngoba nakhu ubuwenza imizamo yokuzivikela kuleli cala," lisho kanjena.
Lithula isinqumo, ijaji likhulume labhekisa kuMajola lathi: "Ngenxa yobufakazi boMbuso obuphathekayo uma buqhathaniswa nobakho ozakhele bona, ngikulahla ngawo womabili amacala."
Ngaleso sikhathi bekungathi akudikizi lutho kuMajola futhi ebonakala engathukile nje nhlobo.
"Ngiyavuma ukuthi salala nomufi kodwa lokho sasikade sikwenze sivumelene," washo kanjena ngaphambilini uMajola.
Ijaji libuye labuyekeza nobufakazi obethulwa ngudokotela owahlola isidumbu sikamufi owaqinisekisa ukuthi wayekhulelwe futhi walinyazwa kanzima.
Unina kamufi, uNkk Asande Tshakeni, uthe yize ingeke isabuya indodakazi yakhe kodwa uthobeke amanxeba ngokuthi uMajola ulahlwe yicala.
''Kuyangijabulisa ukuthi ekugcineni kuzokwenzeka ubulungiswa ngokubulawa kwendodakazi yami," echaza.
UMajola ulahlwa yicala nje, ummeli wakhe, uMnuz Patrick Mkhumbuzi, ugawule zephuka kwasho khona ukuthi ubufakazi buyamgojela.
Related Topics: