Izindaba

Obambe esikaMchunu uhlaba isenzo sikaMkhwanazi

Published

Ibamba likangqongqoshe wamaphoyisa uFiroz Cachalia

Image: Ayanda Ndamane / Independent Newspapers

Ibamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uFiroz Cachalia uzwakalise ukukhathazeka ngokuvela kukaGeneral Nhlanhla Mkhwanazi edlubhe umfaniswano weSpecial Task Force esithangamini sakhe nabezindaba ngoJulayi 6. 

“Ngenkathi ngigxile ekubuyekezeni amacala kanye nenqubomgomo ebanzi embuthweni, bengingazilandeli izigcawu zephalamende futhi bengingazi ngezitatimende zakhe zangaphambili.

"Ngemuva kokuvela kwakhe esidlangalaleni - egqoke imvunulo yezempi futhi ehlomile - ngangikhathazekile," uCachalia etshela ikomidi.

Wengeze ngokuthi ukubukisa okunjalo emphakathini “akukona okuvamile noma akulungile ngoba amaphoyisa anesimiso esicacile sokuyalela ukhomishana kazwelonke nongqongqoshe ngezinkinga nezikhalazo zawo.”

Nokho uvumile ukuthi izinsolo zikaMkhwanazi zimbi kakhulu.

"Uma izimangalo zakhe mayelana nokungena kwemigulukudu emaphoyiseni nasezinqubweni zezombusazwe ziqinisekiswa, isenzo sakhe sizogezeka. Umphakathi ulindele izikhulu zethu zibe nesibini lapho inqubo yangemihlangemihla ingasebenzi," kusho uCachalia.

Ecindezelwa ngodaba lwe-PKTT kanye namadokodo ophenyo lwayo olubalulekile ngemuva kokuhlakazwa kwawo nguNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu ngoDisemba 31, 2024, uCachalia uchaze ukuthi wahlangana noMkhwanazi noMasemola ukuze acaciseleke.

"Ukuhlakazwa bekusesidlangalaleni, kodwa izizathu nesimo samadokodo bekungakacaci. Amanye amadokodo aqukethe uphenyo oluqhubekayo, kanti amanye ayesezoshushiswa. Ngikhathazeke kakhulu ngokuthi lolu phenyo lungahle lube sengozini, ngakho-ke waxoxisana noKhomishana kazwelonke ngalolu daba."