Izindaba

Sekubekwe umnqamulajuqu ngabangawashintshile ama-number plate eKZN

Nokubongwa Phenyane|Published

UMPHATHISWA wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Sboniso Duma useveze ukuthi bazobhekana nenhlawulo abashayeli abangakawashintshi ama-number plate ezimotweni zabo

Image: Sigciniwe

BAZOHLAWULISWA abashayeli abangawashintshile ama-number plate ezimoto zabo KwaZulu-Natal, njengoba uMnyango wezokuThutha, usubeke umnqamlajuqu wokuthi bakwenze lokho ingakapheli le nyanga.

Lokhu kuvezwe wuMphathiswa walo mnyango uMnuz Siboniso Duma enkulumeni abenayo emsakazweni uKhozi FM izolo ekuseni.

UDuma uveze ukuthi abashayeli abasashayela ngezinombolo ezindala ezimotweni zabo kumele bakusukumele ngokushesha ukuthi bazishintshe.

"Wuhlelo lolu esathi siqala ukulwethula sabika ukuthi kuzothatha izinyanga ezingu-24 ukuthi wonke umshayeli ashintshe i-number plate yakhe emotweni ukuze sifane nezinye izifundazwe, okukade zaluqala lolu hlelo. I-KZN bese kuyiyona kuphela kuleli esebenzisa uhlelo oludala kodwa ngesikhathi lwethulwa abaningi bakhombisa ukuluthakasela, bancane kakhulu abangakalusukumeli ngakho sibeke umnqamulajuqu manje wokuthi abangakazenzi izinguquko kumele baphuthume," kusho uDuma.

Uthe ngalolu hlelo ziningi izinguquko ezenzekile, ikakhulu ezithinta ubugebengu bokudunwa kwezimoto emalokishini amakhulu esifundazweni.

"Ukwenza lolu hlobo lwezinombolo kwehlise kakhulu izinga lokudunwa kwezimoto emalokishini okukhona kuwo uMlaza namanye emadolobheni amakhulu, ngakho ngalo sijabule kakhulu kungakho sinxusa ukuthi abashayeli balusukumele kusemanje. Okunye esikhuthaza abashayeli ukuthi bakwenze wukuthi babikele izinkampani zemishwalense namabhange abawasebenzisayo ukuze azi uma sekwenziwe izinguquko ezimotweni zabo," kusho yena.