Izindaba

Indondo yesibili kuKhuzani eMelika

Charles Khuzwayo|Published

UKHUZANI uphinde wahlabana ngendondo eMelika

Image: FACEBOOK

UMCULI kamaskandi uKhuzani  Mpungose uphelelwe ngamagama ehlabana okwesibili kumaHollywood and African Prestigious Awards (HAPAwards) 2025 eWilshire Ebell Theatre, eCalifornia, e-USA ngeSonto nangoMsombuluko. NgeSonto uKhuzani ukhale wumuka nendondo yeBest Independent Artist (African) kwathi ngoMsombuluko wahlabana ngeyeBest Male Artist (African).

"Selidume ledlula nazo zombili izindondo kwelaseMelika. Kuphela amagama. Best Male Artist (African). Umkhulu uyesabeka," kusho uKhuzani emuva kokuhlabana ngomklomelo wesibili.

Ekhuluma ngokuhlabana ngalezi zindondo, uKhuzani uveze ukuthi okumjabulisa kakhulu wukuthi umculo wesintu uyaqhubeka nokuhlonishwa emazweni ahlukene.

"Lokhu akugqamisi nje impumelelo yami kodwa kumele kube wumzuzu wokuziqhenya ezweni umuntu asuka kulo kanjalo abalandeli bami kanye nawo wonke umndeni we-Indlamlenze. Yindondo esho lukhulu kimi, iyakhombisa ukuthi umculo kamaskandi usungaya noma kuphi ngawo ufike uhlonishwe. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu okholelwe kimi nasemculweni wesintu engiwenzayo." Kwenzeka lokhu nje uKhuzani uzohlonishwa ngomklomelo we-African Icon Cultural Award kuma-Icons of Africa Awards eSandton eGoli ngoDisemba 6.

Abazohambela iGcwalisa Spring Picnic All White eHollywood Bets Kings Park, eThekwini ngoMgqibelo, bangase babe nenhlanhla yokuzibonela le miklomelo.

UKhuzani wathi ukuqokwa kulo mqhudelwano kusho izinga umculo kamaskandi osukulo nokuthi kuwubufakazi bokuthi umaskandi sewuyakwazi nawo ukudlana imilala nezinye izinhlobo zomculo zamazwe ngamazwe.

"Lokhu kukhombisa ukuthi umculo wase-Afrika awusadingi ukuhunyushwa kodwa sewuqonda ngqo enhliziyweni." 

Uhlelo lomcimbi luzobe luphethwe wuDkt Natalie Beasnael, Novi Brown moPooch Hall. UKhuzani uqokwe namaciko amazwe ngamazwe okubalwa kuwo oKendra Rainey-King, Yvette Nicole Brown, D'kia Anderson, Lela Rochon, Brandon T Jackson, Pooch Hall, Trey Haley, Vernon Snoop Robinson, Montreal Diggs, Lanett Tachel, Orlando Jones nabanye.

UKhuzani uthe uzobuyela kuleli esezonandisa kwiGcwalisa Spring Picnic All White eHollywood Bets Kings Park, eThekwini ngoNovemba 8. Kulo mcimbi uzobe eshiyelana inkundla nezihlabani ezinjengoVusi Nova, Nkosazana Daughter, Somizi, DJ Tira, Eemoh, Felix Hlophe, Betusile, AmaLegend (okunguSomnandi, Igeza LakwaMgube noShwi),Khuzani, uMafikizolo, Imithente, Izingane Zoma, Thandeka Radebe, Dr Buselaphi nabanye.Amathikithi asatholakala  eComputicket, ngo-R150, R250 noR1 500 i-VIP.