Iloli lenyama elidunwe eCarltonville ngeSonto ekuseni
Image: SAPS
Amaphoyisa abhimbise uhlelo lwamaholidi amnandi kushaywa ishisani-thosani ngesikhathi ebopha amadoda ayisithupha asolwa ngokuduna iloli ebelithwele inyama yenani elingaphezu kuka-R500 000 ku-R559 phakathi kweCarletonville neRandfontein ngeSonto ekuseni.
Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-28 no-48 ubudala, baboshwe ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wamaphoyisa ahlukene emngceleni nalapho avimbe khona leloli emgwaqeni u-R559.
Iloli kanye nempahla yayo kutholwe ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wokuhlola abawela imingcele.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseNorth West, uColonel Adéle Myburgh, uthe amaphoyisa ophiko olukhethekile - okuhlanganisa iProvincial Anti-Gang Unit, Drug Task Team, Tactical Response Team (TRT) Klerksdorp, Johannesburg K9, Carletonville Detectives, Gauteng West Rand District Rural Safety kanye nezinkampani zonogada ezizimele - ahlangane ngemuva kokuthola umbiko ngokudunwa kwamaloli.
"Ithimba lizithele phezu kwabasolwa ngemuva kokuthi iloli lidunwe ngabo-07:45 emgwaqeni u-R559 lashaqa iloli ebelilayishe inyama, amaphoyisa aphinde ashaqa izimoto ezintathu okusolakala ukuthi zisetshenziswe ukwenza lobu bugebengu," kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Abasolwa kulindeleke ukuba bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseCarletonville ngoMsombuluko ngamacala okuduna imoto nokuthumba, kusho amaphoyisa.