Emijondolo esigcemeni sakwa-D eMlaza
Image: Willem Phungula
Abasolwa ababili abebefunelwa amacala ahlukene odlame eNanda namaphethelo badutshulwe balimala bashona ngesikhathi bezama ukubulala amaphoyisa eMlazi ngoMsombuluko ekuseni, 3 Novemba 2025.
Amaphoyisa aqoqene asebenza nophiko lwezobunhloli mayelana nomkhondo wabasolwa nokuthe uma amaphoyisa ebathola emijondolo ekuSilwane Khoza Road esigcemeni sakwa-D eMlaza, abasolwa badubula bebhekise emaphoyiseni.
Abomthetho bagxiviza igunya lombuso ngokubuyisela inhlamvu, kwathi ngesikhathi sokudubulana kwadutshulwa abasolwa ababili bafela lapho. Kutholwe izibhamu ezimbili kubasolwa.
Izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuze kutholakale ukuthi azihlangene yini nobunye ubugebengu esifundazweni.