Ukudlwengula
Image: Sigciniwe
UBALISA ngokumiswa komntwana wakhe esikoleni unina womfundi waseMtapo High okuthiwa wadlwengulwa nguthisha waze wamkhulelisa. Lo mfundi kwavela ngaphambilini ukuthi wayekade eyintombi esahlolwa.
Umsolwa kuleli cala, uMnuz Nhlakanipho Zulu, ubekade evele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, izolo, icala lahlehliselwa uNovemba 12, njengoba kusakhona ubufakazi obusaqoqwa.
Ekhuluma neSolezwe ngaphandle kwenkantolo, unina womgilwa uthe kuze kwadingeka ukuba umntwana wakhe - owenza uGrade 10 - amiswe esikoleni.
Uthe lokhu kubangelwe ukuthi kukhona abafundi ebebemgcona ngesimo esamehlela sokudlwengulwa aze agcine esekhulelwa.
''Kuze kwathiwa umntwana wami makame kancane ukuza esikoleni kuze kudlule lesi simo. Lokhu kungiphathe kabi njengomzali wakhe. Ngiyazibuza ngiyaziphendula nje ukuthi ngempela kwenzekani ngempilo yomntwana wami?" kanjena.
Uthe uzamile nokuthi axhumane noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal kodwa akukho asizakale ngakho, wathi okumthunuka kakhhulu amanxeba ukwazi ukuthi umntwana wakhe wadlwengulwa izikhawu eziningi.
Ukhale ngokuthi abaphephile abantwana abakulesi sikole uma nje kusekhona lo thisha. Yize esamisiwe, uthe kumele angabe esabuyiselwa emsebenzini ngoba kuyacaca ukuthi "uyizambane elibolile."
Uveze ukuthi sekuzohlangana amasonto amabili manje lo mntwana emisiwe esikoleni, wathi umntwana wakhe uphazamisekile kakhulu njengoba zikhona izinkomba zalokho.
Related Topics: