Izindaba

Owezobulungiswa uzocubungula isinqumo ngoBushiri nomkakhe

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ungqongqoshe uMamoloko Kubayi

Image: Sigciniwe

UNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uMamoloko Kubayi uthi umnyango wakhe uyasicubungula isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMalawi mayelana nozibiza ngomprofethi uShepherd Bushiri nomkakhe uMary.

INkantolo eNkulu yaseMalawi iwubekele eceleni umyalelo wangaphambilini weNkantolo yeMantshi yaseLilongwe owawuyalela ukuthi laba bashadikazi babuyiselwe eNingizimu Afrika ukuze baquliswe amacala amaningi, ahlanganisa ukukhwabanisa, ukudlwengula, kanye nokushushumbisa imali.

Ephendula lesi sinqumo, uKubayi uthe umnyango uzonquma izinyathelo zomthetho ezilandelayo uma sekuphothuliwe ukuhlolwa okuphelele kwesinqumo.

Uphinde waqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika isazibophezele ekulandeleni zonke izindlela ezikhona zomthetho ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka. Phambilini abakwaBushiri bavele ezinkantolo ezimbili ezahlukene eNingizimu Afrika ngamacala amaningi obugebengu. Badedelwa ngebheyili kodwa bagcina bephule imibandela yebheyili base bebaleka kuleli, kodwa balandelwa ukuthi bafike eMalawi nokuyilapho abagcine khona.