Izindaba

Odilikajele kowakhipha inqwaba yezidumbu

Nkosikhona Cele|Published

Isigwebo esinzima kolahlwe awokubulala

Image: Bheki Radebe

 

UGIXABEZWE ngesigwebo esinzima owesilisa obebekwe wuMbuso amacala abucayi okubulala.

INkantolo eNkulu yaseThekwini igixabeze uSiphamandla Gumede (31) odilikajele abangu-5 yambhansela ngeminyaka engu-40 ngaphezulu ngokulahlwa amacala okubulala, ukuphanga namanye.

Lawa macala kuvele ukuthi uGumede wawenza eMlaza eningizimu yeTheku, ngoNovemba 2023. Ababulawa kuleli cala ngoNonthlomelo Golumbiza, Nandipha Ndabeni, Nkosinathi Phutheni, Cebolenkosi Zwane noMbongeni Nkwanyana.

Kuthiwa ngoNovemba 13, 2023 uGumede nabanye ayehlome nabo ngezibhamu baya lapho okwakuhlala khona uGolumbiza noNdabeni.

UPhutheni wayekade ebavakashele ngesikhathi sesigameko. Kuvela ukuthi uGumede nabanye badubula bephindelela bantshontsha nezinto ezahlukene. Kuzona kwakukhona amaTV, omakhalekhukhwini nokunye.

UGolumbiza, Ndabeni noPhutheni baphelela khona lapho. UGumede nabanye basuka endaweni yesigameko baya endlini eseduze lapho okwakukhona uZwane noNkwanyana. Bafika bangachitha sikhathi badubula uZwane noNkwanyana bephindelela bababulala.

Ngemva kwalokho uGumede nayenabo baya endlini kaMantengu bafike bamdubula naye bathatha nomakhalekhukhwini wakhe.

UMantengu waphuthunyiswa esibhedlela kwabangozi makhaza. UGumede wabe esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela.

Enkantolo uMshushisi uGugu Xulu, unikeze ithuba ofakazi abazibonela isigameko kwafundwa nezitatimende zemindeni yabafi.

UGumede ugwetshwe udilikajele ngecala ngalinye lokubulala, iminyaka engu-10 ngelokuzama ukubulala neminyaka engu-15 ngelokuphanga.

Zonke lezi zigwebo uzozidonsa kanye kanye. Kuthe angagwetshwa uGumede wafaka isicelo sokuphikisa isigwebo kwafana nokuthi uthela amanzi emhlane wedada inkantolo yakuphikisa lokho. Okhulumela iNPA, uNatasha Ramkisson-Kara ukwamukele ukugwetshwa kukaGumede.