Izindaba

Kukhalwe ngowezokuThutha eKZN onqwahe nezimvume zosomatekisi

Mhlengi Shangase|Published

UMPHATHISWA wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma

Image: SIGCINIWE

KUKHALWE ngokugqoza kokukhishwa kwezimvume zokusebenza kosomatekisi KwaZulu-Natal, okuthiwa zibhajwe eMnyangweni wezokuThutha eMgungundlovu.

Lesi sikhalo sivele ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano esiShayamthetho izolo njengoba iqembu uMkhonto weSizwe lifake isiphakamiso sokuthi kuxoxwe ngale nkinga ehlukumeza abasembonini esifundazweni.

Kule nkulumo kukhalwe ngamaphoyisa ophiko uShanela abhozomela osomatekisi, ashaqe izimoto ekubeni kusalindwe izimvume. Kukhalwe nangomasipala abenza imali ngokubopha amatekisi asuke engenazo izimvume.

UMnuz Bongani Mngadi we-MK, uthe amatekisi awumgogodla wezokuthutha esifundazweni njengoba esetshenziswa abantu abaningi nsuku zonke.

Uthe kuze kube neziteleka, abasebenzi nabahola izibonelelo basale dengwane ngenxa yokuthi osomatekisi basuke sebelwela okungokwabo.

"UShanela ubopha izimoto kudingeke zidedelwe ngenkulu imali. Akukhishwe izimvume zokusebenza eziduve ebhodini." 

UNkk Dudu Nzama we-MK, naye uhambe emazwini kazakwabo wathi ziyadayiswa izimvume zokusebenza yingakho abafaka izicelo namanje besazilindile.

Ukhale ngokuboshwa kwamatekisi okudinga kukhishwe enkulu imali uma esededelwa.

"Amatekisi esifundazweni kuthiwa angu-52 000. Izimvume zokusebenza kuthiwa zingu-27 422. Kuthiwa kunezinye izimvume eziduve emnyangweni ezingu-3 419. Asazi zingaki okuthiwa aziphumile kuze kube yimanje," usho kanje.

UNksz Riona Gokool we-DA, uthe le nkinga yamatekisi ihlukumeza izigidi zabantu abawasebenzisayo.

Uthe abaphikisani nezikhalo zansuku zonke zosomatekisi ngoba ziyazwakala wathi kudingeka kube nesixazululo kule nkinga.

"Noma sizeseka izikhalo zosomatekisi kodwa akumele babe ngaphezu komthetho. Sebelinde isikhathi eside bengazitholi izimvume zokusebenza. Bayabizwa kuthiwe abeze bezozilanda, bafike bangazitholii. Bayiswa le nale ekubeni izimoto zabo zishaqwa amaphoyisa," usho kanje.

Uphakamise ukuthi kwenziwe ucwaningo ngokuthi zingaki izimvume ezisalinde ukukhishwa bese kwethulwa umbiko esiShayamthetho.

UMnuz Mongezi Thwala we-EFF, uthe akumele umnyango ugweve nezimvume bese uthumela amaphoyisa ayobopha amatekisi.

"Akukhishwe izimvume ukuze kuboshwe abangawulandeli umthetho. Amatekisi aneqhaza elibaluleke kakhulu, atakula izwe amabhasi nezitimela kungekho," usho kanje.

UNksz Mbali Shinga weNFP, uthe uma kushaqwa amatekisi abashayeli abaholi, osomatekisi balahlekelwa yimali.

"Akuphele ukubambezeleka kokukhishwa kwezimvume, kuxegiswe imigoqo eyenza lezi zimvume zingasheshi ukuphuma. Isiteleka samatekisi ahamba amabanga amade ngoMeyi sashiya abagibeli besele dengwane." 

UMphathiswa wezokuThutha, uMnuz Sboniso Duma, uthe kunezinhlelo ezilandelwayo ngaphambi kokufaka isicelo sokuthola imvume.

Ubalule indaba yokuya kusoseshini uyobheka ukuthi sikhona yini isikhala uphinde uye nakumasipala uyokwenza okufanayo bese uya emnyangweni.

"Siyasebenzisana nenhlangano iSantaco, nososeshini abahlukene esifundazweni. Siyoke sifike sizochaza ngezinye zezinto njengoba kuba namathimba akhiwayo ukuze kulungiswe izinkinga ezikhona. Omasipala bakhala nangesimo sama-renki ukuthi amanye awekho esimeni njengoba uthola ukuthi namathoyilethi awekho esimeni esihle. Kokunye nendawo ayenele yokuthi kupake amatekisi," kusho uDuma.  

Ukhale nangabanye omalume, abathutha izingane zesikole, abasebenzisa izikwele ukuthi abayilandeli imigudu efanele.