U-ASITHANDILE Meyiwa, obhale futhi washicilela izincwadi zakhe ezimbili azibhale ngesiNgisi
Image: SITHUNYELWE
UTHANDO lokufunda izincwadi nokubhala seluqalile ukuthela izifundo kwintombazanyana yaKwaMpumuza, eMgungundlovu, njengoba isanda kwethula ngokusemthethweni izincwadi zayo ezimbili ezibhale, zashicilelwa ngesiNgisi.
Lowo wu-Asithandile Meyiwa ofunda uGrade 10 e-Edendale Technical High, okhiphe izincwadi ezimbili ngesikhathi esisodwa ezisihloko sithi I Want To Be A Model nethi Luminary, azethule emcimbini obuseBessie Head Library, eMgungundlovu, kule nyanga.
Exoxa neSolezwe ngalokhu, u-Asithandile (15) uthe ukuthanda ukufunda izincwadi nentshisekelo yokuxoxa izindaba ngokubhala kusukela eminyakeni emithathu edlule, yikhona okumkhuthaze ukuthi aze afike kulesi sigaba ebe esemncane kangaka ngeminyaka.
U-ASITHANDILE Meyiwa noDkt Mandla Ntombela, wophiko lwezemitapoyolwazi yaseMgungundlovu, ehalalisela le ntombazanyana ebhale izincwadi ezimbili ngesiNgisi
Image: SITHUNYELWE
"Incwadi yami yokuqala ixoxa indaba yentombazane esuke inephupho lokumodela kepha ingakhoni ukulifeza ngenxa yezinselelo zenkinga yebhoklolo ebhekana nalo esikoleni efunda kusona, bese kuthi lena ethi Luminary yona ixoxa indaba yentombazane ebhekene nenkinga yokuthi kumele ibambisise isikole futhi yenze nemizamo yokusiza ekhaya ngenxa yokuthi ikhuliswa wumzali ongakhathaleli inhlalakahle nempilo enhle yomndeni wakhe," usho kanje.
Uthe lezi zincwadi zibiza u-R170 ngayinye, kanti futhi zizotholakala maduze emtapweni wolwazi wangakubo iBessie Head Libary. Ngale kwalokho, uthe ufisa ukuqhubeka abhale ezinye izincwadi, futhi aqinise nasesikoleni - ngethemba lokuchuma ngakho kokubili.
Umama ka-Asithandile, uNksz Xoliswa Ngcoya, uthe lokho okwenzeka manje ngendodakazi yakhe akumethusi njengoba kusukela isencane kunalokhu ibivele yehlukile kwezinye izingane. Uthe bekuthi ontanga bayo bedlala imidlalo ejwayelekile, yona isuke izivalele egunjini layo lokulala ibhala, noma imatasa ngokufunda incwadi ethile.
"Kusaqala, kwakubuye kungiphathe kabi ukuthi kungani ehlale ezivalele egunjini lakhe lokulala, ngize ngimthethise ngenxa yemfuhlumfuhlu yamaphepha anemibhalo ebengihlale ngiwafica uma ngingena lapho elala khona. Nokho kuthe sesihlangane nomunye wabashicileli bezincwadi uNksz Nelly Shozana, wenza ngabona ukuthi sihlezi phezu kwegolide lana futhi wasisiza ukuthi sishicilele eminye yale misebenzi aseyibhalile. Manje ngibheke ukuthi aqhubeke nobuciko bakhe futhi ngizimisele ukumeseka kukho kokubili nesikole ukuze aphumelele ngakho kubhekwe phambili," kusho uNksz Ngcoya.