LINGASE ligcine lithwalwa yiminyango kahulumeni icala lokusocongwa kowayengumengameli we-ANC, Inkosi Albert Luthuli.
Umndeni kaLuthuli uthe nakuba ungeke usakwazi ukuthathela izinyathelo abantu abasolwa ekusocongweni kwakhe ngenxa yokuthi sebashona bonke, kodwa usengakwazi ukuthathela izinyathelo iminyango ababeyisebenzela ngesikhathi benza icala.
Ukusho lokhu emva kokuba iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ichithe umbiko wango-1967 othi uLuthuli wakhothama emva kokushayiswa yiguzu.
IJaji Nompumelelo Radebe linqume ukuthi uLuthuli wakhothama emva kokushaywa abasebenzi besitimela kanye namaphoyisa angesikhathi sobandlululo.
IJaji Radebe lithe ababephenya ngesikhathi kunesigcawu sokuqala abazange bawenze kahle umsebenzi.
IJaji Radebe lithe ukuba kwenziwa uphenyo olunzulu ngo-1967 ngabe kade umndeni kaLuthuli wathola izimpendulo.
"Okubi wukuthi abasekho bonke abantu abathinteka kulesi senzo."
Umzukulu kaLuthuli, uMnuz Sandile Luthuli, uthe akusho lutho ukuthi abasekho abantu abathintekayo njengoba zisekhona izinhlaka zikahulumeni ababezisebenzela.
"Yebo siyazi ukuthi abasekho bonke abantu abathintekayo njengoba nenkantolo ishilo. Kodwa esikwaziyo wukuthi bonke laba bantu babesebenzela iminyango ethile. Abashushisi bakuveza ukuthi izinhlaka zikahulumeni zabambisana ekufihleni itulo lokusocongwa kukaLuthuli. Sizokubheka konke lokho njengoba sisazocubungula isinqumo senkantolo, bese sinquma ukuthi yisiphi isinyathelo esizosithatha."
Umdidiyeli wethimba elihola i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Jeff Radebe, uthe bazoxoxa nomndeni ukubheka ukuthi yisiphi isinqumo esilandelayo abazosithatha.
"Esikujabulele njengamanje wukuthi iqiniso selivele obala. Inkantolo ikubeke kwacaca ukuthi umholi wethu wabulawa wuhulumeni wamabhunu."
IJaji Radebe lithe umuntu owazibonela ngawakhe abasebenzi basesitimeleni beshaya uLuthuli akakaze atholakale namanje.
IJaji Radebe lithe uMnuz Mbhemu Mnyandu, owabona okwenzeka kuLuthuli, wagcina ukubonakala ngesikhathi ethathwa amaphoyisa.
IJaji Radebe lithe ufakazi, uMnuz Bafi Mdletshe, waveza ukuthi uMnyandu wazibonela ngawakhe ngesikhathi amaphoyisa eshaya uLuthuli.
"UMnyandu wayegibele ibhayisikili. Amaphoyisa azama ukumhubha ngesikhathi ebona ukuthi uyawabuka, wabaleka. Ngakusasa amlanda ekhaya, athi ayombhalisa isitatimende ngokukhothama kukaLuthuli. Kuze kube namhlanje akakaze abuye."
IJaji Radebe liyalele ukuba umqondisi wezokushushisa aqale uphenyo olunzulu ngokunyamalala kukaMnyandu.
Ahluleke wukuzibamba akhombisa injabulo yawo ngesikhathi kuphuma isinqumo amalungu e-ANC abephume ngobuningi ezolalela isigcawu.
Phakathi kwamalungu e-ANC abezolalela isigcawu kubalwa umakadebona, uMnuz Truman Magubane kanye nowayengundunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sibusiso Ndebele.
Related Topics: