USiphile Mdaka uyalelwe ukuba asule esikhundleni
Image: Facebook
UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal sebuyayelele iphini lemeya kuMasipala waseMkhanyakude elisanda kuqokwa, uMnuz Siphile Mdaka, ukuba lisule ngokuphazima kweso esikhundleni.
UMdaka, owayeyimeya yomkhandlu, uqokelwe kulesikhundla emhlanganweni womkhandlu obuyizolo.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanle Sibisi, uthe akuzange kukhulunywe nabo ngaphambi kokuthi uMdaka aqokelwe esikhundleni esisha.
UMdaka wakhishwa kwesobumeya ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.
Umasipala wabe usuwela ezandleni ze-IFP.
USibisi uthe basamile ekutheni kwakungafanele uMdaka akhishwe esikhundleni sobumeya.
"Siyakuqaphela ukuthi uMdaka uqokwe ngo-elethu, wavotelwa yiwo wonke amaqembu amelelekile emkhandlwini. Kodwa ke sifuna ukuthi asule esikhundleni."
Ukukhishwa kukaMdaka kwesobumeya kwadunga ubudlelwano bamaqembu abusa ngokubambisana KwaZulu-Natal.
I-ANCYL KwaZulu-Natal yanxwnxa i-ANC ukuba ishiye uhulumeni wesifundazwe oholwa i-IFP.