Izindaba

Sife nonogada isikhulu samatekisi sihlaselwa oshayasibhamu

Nonkululeko Nhlapo|Published

Udutshulwe wafa nonogada wakhe usihlalo kasoseshini wamatekisi e-Alexandra

Image: X

USIHLALO we-Alexandra Randburg Midrand Taxi Association (ARMTA), uVictor Molefe Moekeletsi, udutshulwe wabulawa ehamba nonogada bakhe eMarlboro.

Unogada wakhe naye ushonele endaweni yesigameko, omunye unogada nomshayeli wemoto baphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuthola amanxeba okudutshulwa.

Kuthiwa laba bavinjezelwe abantu abangaziwa eduze namahhovisi e-Alexandra Taxi Association.

Kubikwa ukuthi imoto ebihamba abasolwa utholwe ngaseSetjwetla inegazi ngaphakathi. 

Lesi sigameko senzeke ngemuva kwenyanga lapho abaphathi bamatekisi kule ndawo bememezele ukuthi seziphelile izimpi zamatekisi eseziqhube isikhathi eside, emcimbini wokuthula owawungomhla ka-19 kuMandulo (September) enkundleni yemidlalo Kwa-Bhekilanga, e-Alexandra. Eminyakeni embalwa eyedlule, amatekisi lo sihlalo washiselwa amatekisi angaphezu kweshumi eshiswa izigebengu ezazihlomile ekhaya lakhe eMarlboro.