Izindaba

Kuzolalelwa ubufakazi bukaMatlala ngoMchunu

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ufakazi C ugeqa amagula kwikhomishana kaMadlanga

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

Ufakazi C oyilungu lePKTT wethula ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga echaza kabanzi ngokuboshwa kukaVusimuzi Cat Matlala. 

UMatlala waboshwa ngomhla ka-14 Meyi. Kuvela ukuthi waboshwa ophuma emzini walowo owayenguKhomishana wamaphoyisa uRea Phiyega.

"Sasimlandela ephuma kulo muzi kodwa esakuqaphela wukuthi imoto yakhe nezonogada bakhe zazihamba ngesivinini esikhulu kakhulu okwakwenza kube nzima sizimise. Kwasiza ukuthi imoto yakhe iphonseke emgodini, nokuyinto ephoqe ukuthi ame eceleni kulungiswe isondo le moto," kusho ufakazi.

Ufakazi Uveza ukuthi ephekwa ngemibuzo, uMatlala wavezela amaphoyisa ukuthi esondelene nezikhulu zasemaphoyiseni.

Lo fakazi uveze ukuthi uMnuz Cat Matlala wafaka u-R500 000 kuNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu eseka umkhankaso wakhe wokuba ngumengameli. Kuthiwa uMatlala wayeyifaka ebhange yebhizinisi likaBrown Mogotsi bese uMogotsi kube uyena oyidlulisela kuMchunu. Ngemuva kwalokho uzothumela ubufakazi kuMatlala ukubonisa ukuthi useyihambisile.

Kuthiwa uMatlala waphoxeka ngokungatholi ukwesekwa kungqongqoshe ngemuva kokuthi amaphoyisa agasele emzini wakhe ngo-Disemba nokuthi ungqongqoshe usenqamule inkontileka yakhe nomnyango. Yilokhu okwamholela ekubeni nomhlangano nowayengungqongqoshe uMnuz Bheki Cele emtshele ngakho konke obekwenzeka nokuthi auseyalelwe ukuba avulele uLT General Dumisani Khumalo icala lokweba iwashi lakhe likanakusho.

Lokhu kuhambisana nobufakazi bukaCele abenza phambi kwekomidi lePhalamende lapho aveza khona ukuthi wahlangana noCat Matlala exhunyaniswa usomabhizinisi ongasekho emhlabeni uMabonga Mpungose. UCele uthi bahlangana ehhotela iBeverly Hills eThekwini wayendlala inkinga yakhe yokuthi uSenzo Mchunu benoBrown Mogotsi bayamsebenzisa ukuze axhase umkhankaso kaMchunu wokuhola i-ANC naye uzosizakala Uma kunesidingo.

Njengamanje kulindeleke ukuba kulalelwe inkulumo eqoshiwe kaMatlala nephoyisa.