Izindaba

Kukhulu okubhekene nabesifazane abagembula mawala

Gerry Cupido and Xolile Mtembu|Published

KUVELA okwenza abantu besifazane babe nenkinga yokugembula ngokweqile

Image: FREEPIK

INKINGA yokugembula ingenye yezinselelo ezilokhu zikhathaza njalo eNingizimu Afrika, okubukeka sengathi ikapakela cishe kuzona zonke izindlela zokugembula kusuka kuma-casino kuze kufinyelele ekugembuleni usebenzisa iselula nama-website.

Lokhu kubukeka sekudale enkulu inkinga nenselelo ezweni ikakhulu kwabesifazane ababhekana nengcindezi yokuswela imali, ukucindelwa wukuthi kunabantu abalindele ukuthi baphile noma benze izinto ngendlela ethize emphakathini, okwenza bazizwe becindezelekile emqondweni.

Ucwaningo olushicilelwe yisikhungo esicwaninga ngezimo ezahlukene emhlabeni, iFrontiers, ludalule ukuthi abantu besifazane abagembulayo kuvame ukuthi babukwe ngendlela ethize, kube sengathi bona akubafanele ukwenza lokho, babukwe njengokuthi bawomama abangekho qotho.

KUVELA okwenza abantu besifazane bagembule ngokweqile

Image: GERRY CUPIDO/CHATGBT

Lolu cwaningo luthi lezo zinkoleloze ngalabo besifazane zandisa umthwalo kulabo asebebishe kule nkinga, kwenze ukuthi bengabe besakwazi ukuphunyuka.

Eminyakeni eminingi edlule, inkinga yokugembula kwabesifazane yande kakhulu, njengoba abanye babo bese beyisebenzisa njengendlela yokubhekana nezinkinga zokuswela imali.

Umbiko weNational Gambling Board (NGB) uthole ukuthi okunye okudale ukuthi inkinga yokugembula yande wukuthi isiyamukelwe njengokuthi yinto ejwayelekile nefanele, kwaba wukuthi abantu abambalwa kakhulu abasakhathazwa wukudloba kwayo.

Umbiko we-NGB uxwayise nangokuthi kumele kube khona okwenziwayo ukulawula le nkinga futhi kulawulwe nendlela abantu abakwazi ukugembula ngayo ukusiza ukuthi kungabi lula ukuthi noma ngubani avele agembule noma yinini, nanoma yikanjani.

Ngale kwezibalo nocwaningo ngale nkinga, ziningi nezindaba ezixoxwayo nesezike zaxoxwa zabantu besifazane abanenkinga yokugembula ngokweqile.

Enye yalezo zindaba ngeyowesifazane oneminyaka engu-63 waseKapa, owaqala ukungena kulo mkhuba eseneminyaka engu-38. Uthe engena kule nkinga wafakwa ngumngani wakhe, owambiza, ezomkhombisa ukuthi kugenjulwa kanjani. 

Uthe esaqala wajabula kakhulu njengoba u-R100 adlala ngawo wamwinela u-R1 000, kwaya ngokuya wawina u-R2 000 no-R2 500. 

"Ulutheka kanjalo-ke ekuqaleni ngoba uvele uwine, bese uzitshela ukuthi kuzohlale kunjalo. Kuthi noma usulokhu ushaya uceleni, uhlalele ethembeni lokuthi usazowina futhi maduze. Kuthi uma usuwina mhlawumbe uthole u-R40 000, unganaki futhi ungabali ukuthi ubusulahlekelwe yimalini ecwile kulezi zikhawu eziningi ongawinanga kuzona," kusho lona wesifazane. 

Eqhuba, udalule ukuthi ngenkathi esanale nkinga waqaphela ukuthi abantu abaningi besifazane abaluthwa wukugembula yilabo abasuke sebahlukanisa nabantu abebeshade nabo, nalabo abasuke bezizwa bengenamuntu empilweni yabo.

"Lokho ngikwazi nangami uqobo ngoba ngingomunye wababenaleyo nkinga; ngangihlale ngizizwa sengathi anginamuntu empilweni yami, bese ngihamba ngiyozihlalela endaweni yokugembula cishe usuku lonke. Inkinga iqala lapho-ke uma usuzohlale udliwa nje, ungasawini njengasekuqaleni, bese lokho kuyakugqilaza emqondweni," usho kanje.

UNksz Louise Swart weCape Addiction Recovery Specialist, uthe inkinga yokugembula kwabesifazane ingaphezu kokugijimisa imali nje kuphela.

"Ukugembula ngokweqile kufana nokuba wumlutha wezimo ezithile ezahlukene empilweni nezenza ukuthi umqondo wakho ungakwazi ukusuka kalula kuzona uma usungenile futhi wazejwayele, njengokuthanda ukubuka ama-video ocansi, esaziyo ukuthi bayinqwaba kangakanani abantu abanaleyo nkinga ezweni lethu," kusho uNksz Swart.

Eqhuba, uthe ebantwini abaningi besifazane abanale nkinga idalwa wukuhlukumezeka ngenxa yezimo ezahlukene, ezinye zazo ezenzeka besakhula, kanjalo nokuba nomuzwa wokuzizwa sengathi abanamuntu obanakile nobakhathalele.

"Ngakho umshini wokugembula uphenduka ube wumngani wabo omkhulu ngoba awubalawuli futhi awubahlukumezi ngalutho. Nokho inkinga enkulu yilokho kokuthi kukho konke lokho kusuke kuphela leyo ngcosana yemali abanayo," usho kanje.

Uthe babalelwa ku-30% kuya ku-50% kuphela abantu besifazane abagcina becela usizo lokwelashwa kule nkinga yokugembula abasuke bebhekene nayo, bese kuzoba nenqwaba engafuni ukuphumela obala ngoba ibona sengathi izophoxeka ngalokho. 

Kwabadinga usizo lokulwa nenkinga yokugembula, bangashayela iThe South African Responsible Gambling Foundation enombolweni yabo yamahhala ethi: 080 000 6008 noma bathumele umqhafazo noma umyalezo kaWhatsApp enombolweni ethi: 076 675 0710, noma i-email ku: [email protected].