Izindaba

Bebeya eholidini abaphangalale kwenyantisa igazi kuN3

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ingozi eyenzeke kuN3 namuhla ekuseni

Image: X

Iziphathimandla zomgwaqo eFree State zidalule ukuthi itekisi ebandakanyeke engozini eyenzeke ngoLwesine ekuseni ku-N3 phakathi kweVan Reenen’s Pass neMontrose iphaphalaze yaphuma emzileni wayo ngaphambi kokuba ishayisane mahlanze neloli.

USihlalo weRoad Incident Management Systems, uSipho Towa, uthe itekisi belibheke eThekwini, kubukeka sengathi lingene emzileni okungewona ngaphambi kokuba ishayisane neloli, ngezithuba zabo-05:00.

"Sibikelwe sekusele imizuzu engu-20 ngaphambi kwehora lesihlanu ngengozi eyenzeke ku-N3 phakathi kweVan Reenen's Pass neMontrose," kusho uTowa engxoxweni abe nayo neNewzroom Afrika. “Ngesikhathi ithimba lifika endaweni yesehlo, kutholwe ukuthi bekuyitekisi eshayisane neloli elithwala impahla, ngeshwa abantu abangu-8 kuthiwa bashonile endaweni yesigameko,0 abayisithupha baphuthunyiswe esibhedlela iThebe, eHarrismith belimele kancane."

UTowa uthe amaphoyisa azama ukuxhumana nemindeni nabalimele nabashonile

“Esikwaziyo ukuthi itekisi ibisuka eVirginia eFree State ilibangise eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa aseFree State uCaptain Loraine Earle ukuqinisekisile ukuthi kushone abantu abayisishiyagalombili kule ngozi, kwathi abanye abaningi bathola imihuzuko baphuthunyiswa esibhedlela.

Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso, kanti uphenyo ngembangela yengozi luyaqhubeka.