Izindaba

Ukhala ngokudluliselwa kwecala kwi-Ipid umndeni wephoyisa elabulawa

Nkosikhona Cele|Published

Umndeni uyakhala ngecala elidluliselwe ku-Ipid

Image: SAPS

UMNDENI wephoyisa okuthiwa langqoklozwa elinye ngenhlamvu lafa, ukhala ngokudluliselwa kwedokodo laleli cala ophikweni eliphenya izenzo zamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).

Lokhu kushiwo udadewabo kamufi, uNksz Nombuso Ngidi, obekade ekhuluma ngemuva kokuba  cala lihlehliselwe uNovemba 10, izolo, eNkantolo yeMantshi yasePinetown.

Esigamekweni esenzeke ngo-Okthoba 10, uConstable Andile Philani Zulu (40) usolwa ngokudubula ephindelela uConstable Sbonelo Ngidi (29) komunye yemigwaqo yaseMariannhill, ePinetown.

Enkantolo kuvele ukuthi leli cala alisaphenywa oKlebe kodwa selidluliselwe kwi-Ipid.

"Asigculisekile ngokuthi icala selidluliselwe kwi-Ipid. Sikholwa ukuthi bekulunge liphenywa oKlebe," kusho lo womndeni.

Enkantolo kuvele ukuthi mane amacala umsolwa abhekene nawo. Kuwona kukhona elokubulala umufi, elokuzama ukubulala owesilisa owayehamba nomufi, elokushayela budedengu nelokuphatha isibhamu edle amanzi amponjwana.

Kuthiwa umsolwa obesebenza esiteshini samaphoyisa esiseduze kwesiteshi sikaloliwe i-Escombe, eScottburgh, wapaka imoto yakhe i-VW Polo emhlophe, phakathi nomgwaqo, wehla wachama.

Kuvela ukuthi umufi owayevinjwe yile moto, wabuza umsolwa, owehla maqede wabonakala ukuthi kukhona isibhamu enqulwini, ukuthi: “Bafo kungani ungivimba emgwaqweni?”

Kuthiwa umsolwa waphendula ngokuthi athi: “Yima ngisachama”. Kuthiwa umufi wambuza ukuthi lokhu akwenzayo, ukwenza ngoba nakhu ephethe isibhamu yini?

Umsolwa kuthiwa waphendula ngokuthi: “Yini ufuna ngisifake kuwena yini? Ngilinde-ke ngiqede ukuchama.” Eseqedile ukuchama kuthiwa wamdubula ngoyaba lwezinhlamvu ephindelela.

Ngaphambilini, umfowabo kamufi, uMnuz Siya Ngidi, wathi basola ukuthi umsolwa wayenezinye izinhloso ngokubulala umfowabo.

“Uyiphoyisa, uyawazi umthetho. Uma ethi wayemdubule ngephutha ngoba edakiwe, kwakufanele azinikele emaphoyiseni masinyane uma sekudamuke utshwala,” washo kanjena.

Wagcizelela ukuthi ukulinda kwakhe kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa, ngaphambi kokuba azinikele, nakhona ngoba esezwa ukuthi useyafunwa amaphoyisa vele, kudweba esinye isithombe.

Waveza nokushisa kwakhe imoto ayehamba ngayo, emva kwesigameko, ezama ukucisha ubufakazi kwakukhomba ukuthi wayekade enenhloso ngayekwenza ngalolu suku.