Izindaba

UGod'olulala amankankane belumnene luwuthanda nomndeni

Charles Khuzwayo|Published

USOLWAZI James 'God'olulala amankankane' Mthembu odutshulwe ngoLwesihlanu ebusuku

Image: FACEBOOK

YIZE uJames "God'olulala amankankane" Mthembu abengawazi umubombo kathisha kodwa ubebalwa nezinyanga ezikhomba ngophakathi. UGod'olulala amankankane (61) wasesigodini sasePhelandaba, eManguzi, KwaMhlabuyalingana, uhambe emhlabeni ngoLwesihlanu ebusuku, emuva kokuthelwa ngoyaba lwezinhlamvu kade ezithokozisa nomndeni wakhe.

Umufi waqala ukuzakhela ugazi emphakathini ngesikhathi ebophisa intombazane eyayizama ukumdayisela ingane ephila nebala elimhlophe eneminyaka ewu-11 ngo-2016. Lo wesifazane, owagwetshwa iminyaka ewu-20 ebhadla ejele, wabuye wafuna ukudayisela umufi izingane ezintathu eziphila nebala elimhlophe ngo-R100 000. 

UGod'olulala amankankane yinyanga ebizishaya isifuba ngokuthwalisa abantu ukuze bagwilike futhi eziqhenya ngokuthi ubekwazi ukugqihisa umuntu angadubuleki ngaphandle kokusebenzisa izicubu zabantu. Ubengakholelwa ukuthi kunomuthi wenhlanhla ongakhandwa ngezicubu zomuntu.

Umlando omfishane kaGod'olulala amankankane

Umufi uzalelwe esigodini saKwaMamshudu, ngaphansi kweNkosi uMabhudu Tembe. Ubeyingane yesibili ebantwaneni abawu-11 kunina noyise, okungamantombazane amathathu nabafana abawu-8. Ushona nje umufi, ubese esele nabafowabo ababili kuphela emhlabeni.

Ngesikhathi ontangayakhe befunda esikoleni, umufi wayefunda ukuthaka imithi emuva kokungenwa umkhulu ozala uyise owayeyinyanga, uGod'olulala amankankane. Nakuba engamficanga umkhulu wakhe emhlabeni kodwa wavukela kuye.

Yingakho agcina esezibiza ngoGod'olulala amankankane. Wabe eseyothwasa kabanzi ngobunyanga kuPhineas Sibiya waKwaThelizolo, ngeminyaka yo-1990. Ngenxa yokufuna ukuba nolwazi oluthe thuthu, wabe eseyokhuphula umsebenzi wokwelapha enyangeni yasendaweni yaseSikheleni, eMozambique, uShinda. Yilapho afike afunda kabanzi ngokuthakwa kwezigubhu ezinhlobonhlobo futhi ekwazi ukuzicisha esezihlupha imindeni yabantu abafe bethwele.

Akagcinanga lapho, wangena ephuma kogobela abahlukahlukene baseMozambique, waze wadlulela nakwabaseMalawi. Ubuyile esezokwelapha abantu baseNingizimu Afrika. Ubehlonishwa kakhulu emkhakheni wokwelapha nasekulweleni abantu abaphila nebala elimhlophe. Amagalelo akhe obunyanga enza wahlonishwa ngesinye isikhungo semfundo ephakeme ngeziqu zobudokotela nezobusolwazi.

Ubenayo imithi eyingozi njengoba bemsola ngokuthi ubengabhedelwa. Ubeganwe ngamakhosikazi angu-15 futhi ebusiswe ngezingane ezibalelwa ku-65 kodwa yadlula eyodwa kwasala ezingu-64. Ubekukhonzile ukuhlaba izinkomo ezimbili kwakhe enzela ukujabulisa umndeni wakhe. Ubesuke ecaphuna kusale njengoba enomhlambi wezinkomo ezingaphezu kuka-200 nezimbuzi ezingangoZulu ey'eMakheni. Yize ebenemndeni omkhulu kodwa ubengakwazi ukulala ebusuku uma kunemindeni elambile nengenalo uphahla.

Ubengaziphilisi ngobunyanga kuphela kodwa enebhizinisi lokukhiqiza insipho yokugeza, eyokuwasha, eyokuwasha izimoto, neyokuhlanza izitsha namakha.

UGod'olulala amankankane uhambe emhlabeni esethwasise omunye wamakhosikazi uMaZungu okuwuye ebesale enza yonke imisebenzi afundiswe yona umyeni wakhe. Uyena obeya kogeza abantu besifazane futhi esebenza ezigodlweni zomyeni wakhe. Indodana kamufi, uMandla Mthembu, ithe bebesahlanganisa mayelana namalungiselelo omngcwabo kayise.

Ubeziveza ukuthi ungumacaphunakusale ngokuphilisa umndeni wakhe ntofontofo enendlu ehlale igcwele ukudla. Kuthiwa uma eyothenga ukudla namakhosikazi akhe ubewola inqwaba asebenzise imali eshiwe nyangazonke.

*Olunye ulwazi lucashunwe kwi-Ayanda Msweli TV nakwiNamba News