Imithi etholakale endlini ehlala owesilisa odabuka eZimbabwe
Image: SAPS
KUPHELE amahlathi kowesilisa ongowokufika evinjezelwa ngamalungu omkhankaso we-Operation Shanela II ngoLwesithathu ngemuva kokuba alunywe indlebe ngezenzo ezingekho emthethweni emzini ose-Ilitha Park, eKhayelitsha.
La maphoyisa athole owesilisa waseZimbabwe oneminyaka engu-42 ubudala endlini. Kuthe ngesikhathi esesha athola inqwaba yemithi ifihlwe ngaphansi kombhede. Umsolwa uvumile ukuthi umuthi uwudayisela abantu bakubo. Wabe eseboshelwa iContravention of Medicine and related substances Act 101 of 1995.
Umsolwa uvalelwe e-Harare SAPS, uzovela eNkantolo yeMantshi yaseKhayelitsha.
Khonamanjalo, amphoyisa abophe abesilisa ababili, abaneminyaka engu-20 no-22, eMitchells Plain ngokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Abasolwa bavinjwe ngesikhathi kuqhutshwa umsebenzi wokusesha emgwaqweni. Babephethe isibhamu sohlobo lwe-9mm nezinhlamvu ezingu-15. Bobabili abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMitchells Plain kungekudala.