USIHLE Sibisi osolwa ngokujivaza izinceku zeNkosi ohlelweni iFake Pastors
Image: FACEBOOK
INHLANGANO evikela isithunzi namalungelo amabandla kuleli, iSouth African Church Defenders (SACD), seyinqumele abeMultiChoice nabeMoja Love ugwayi katiki ithi akakhonjwe indlela umethuli wohlelo iFake Pastors kwiMoja Love, uSihle Sibisi, bese bebuyekeza nalolu hlelo ngaphambi kokuba ihlohle amakholwa ukuba adube izinhlelo futhi alaxaze iDStv (okuyiyo esingethe iMoja Love).
Ngokwencwadi ebhalelwe izikhulu zeMultiChoice futhi ebonwe yiSolezwe, amakholwa abona lolu hlelo njengomkhankaso wokujivaza inkolo nezinceku zeNkosi. Incwadi iyakuveza ukuthi ubudlelwano bukaMbhishobhi ongasekho, uTB Joshua noSihle, kwenza lolu hlelo lubukeke njengenkundla lapho uSihle eziphindiselela kubefundisi emuva kokunukubezwa nguJoshua.
"Siyaphoqeleka ukuba sikhulume ngoba okusakazelwa umphakathi kwiMoja Love kuqhubezela ukuhlaselwa kwenkolo yobuKhrestu esidlangaleni."
Iqhuba incwadi ithi indlela uhlelo olwethulwa ngayo isidweba sigqame isithombe sokuthi inhloso yalo, akukhona ukwazisa nokuvikela umphakathi kodwa sekuwukuhlekisa ngesonto nokuxabanisa abazalwane. Ithi lolu hlelo alusavezi abefundisi abangombombayi kodwa seluqhamuka nehaba.
"Isibonelo nje, izikhangiso ezingamanqampunqampu ezivezwa kwiChannel 157, umethuli wohlelo uSihle Sibisi negama lohlelo iFake Pastors, kuvezwa isithombe esiholela ababukeli ophathe ngoba sibenza babhangqe ngabhande linye inkolo yobuKhrestu nenkohlakalo kanye nokuqolwa kwabantu. Siyawuqaphela nombhalo osezinkundleni zokuxhumana lapho umethuli ezichaza njengomuntu owasinda ngokulambisa kumbhishobhi ongasekho emhlabeni, umufi uTB Joshua."
Ithi le ncwadi ayikafinyeleli esinqumeni sokuthi kudutshwe ukubukwa kwezinhlelo zeMoja Love nokulaxaza ukukhokhela iDStv kodwa isanxusa abeMultiChoice neMoja Love ukuthi bakubuyekeze okusakazwa kulolu hlelo ngoba amakholwa akakwazi ukuqhubeka akhokhele ukubuka into ewahlambalazayo.
"Sifuna uhlelo iFake Pastors lumiswe ngokushesha kuze kuqedwe ukubuyekeza kwangaphakathi futhi nokuqashwa kukaNksz Sihle Sibisi kucutshungulwe kabusha ngenxa yokuqhubeka kwakhe nokuchema."
Seyiphetha lincwadi inqumele abeMultichoice ugwayi katiki futhi yabasabisa ngokuthi uma beqhubeka nokusakaza uhlelo, iSACD izophoqeleka ukuba iyalele amakholwa wonke jikelele ukuba aphume aphele kwiDStv.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela abeMultiChoice neMoja Love bengakakuqinisekisi ukuthi sezifikile yini ezindlebeni zabo izimfuno zale nhlangano.
USIHLE Sibisi usolwa ngokuhlasela amaKhrestu ohlelweni iFake Pastors
Image: FCEBOOK
INCWADI ebhalelwe abeMultiChoice
Image: FACEBOOK
Incwadi ebhalelwe abeMultiChoice
Image: FACEBOOK