USamukele Mkhize
Image: Instagram
USamukele Mkhize nomyeni wakhe
Image: Instagram
Umlingisi weSkeem Saam uSamukele Mkhize usememezele ukuthi usephumile emakethe ngokusemthethweni. UMkhize odume ngelikaKhwezi emdlalweni wakwaSABC iSkeem Saam uchazele abalandeli lezi zindaba ngombhalo othi: “Wathi, ‘Asishade,’ mina ngathi, ‘yibambe lapho ungabe usaqhubeka!’”
Le ntokazi yaqala ngo-2022 ukugeza ukuthi sekuseduze ishintshe isibongo ifaka ezinkundleni zokuxhumana izithombe semvunulo. Ngaleso sikhathi wabhala ukuthi “24.09.22”, kanye nama-emoji ezinkomo nama-hashtag omshado, ephakamisa ukuthi izingxoxo zelobolo lakhe zihambe kahle.
Osaziwayo, abebehambele umshado kule mpelasonto obubamjelwe esithe, kubalwa kubo uNozuko Ntshangase, Florence Mokgatsi, noDJ Happygirl SA. Labo saziwayo banikele ezinkundleni zokuxhumana behalalisela le ntokazi yakwaMashu.