KUME yonke into emgwaqweni uJoe Slovo (Field) kunemashi yezikhalo ngesakhiwo samafulethi, iHomii eThekwini, izolo
Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers
BAVELE bamameza babhiyozwa kwangathi bathelwa ngezibonkolo abantu abebebhikisha ngaphandlwe kwesakhiwo samafulethi iHomii eThekwini, izolo, ngesikhathi kuvela ukuthi kunesinye isidumbu esesike saphuma kuleli fulethi kodwa udaba lwanyathelwa.
Embhikishweni bekuhlangene i-MK Labour Desk, EFF, March and March nabe-ANC. Kuhlaluke ukuthi inhloso yombhikisho wukufuna ubulungiswa ngokulimala kwamawele akwaDlamini esigamekweni esibe yindaba egudwini esenzeke ngeledlule.
Kuzokhumbuleka ukuthi isigameko sokulimala kwamawele sithuse abantu abaningi kwakhulunywa kakhulu ngaso nasezinkundleni zokuxhumana. Kuvele ukuthi akhalakathela kwi-lift engasebenzi. Iwele elilodwa lashona elinye namanje kuvele ukuthi isimo salo sibucayi esibhedlela.
LENA ngeminye yemibhalo ebiphethwe ababhikishi emashini eThekwini, izolo, bekhala ngamafulethi eHomii okusanda kuvela umshophi kuwo kushona elinye lamawele akwaDlamini.
Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers
Izolo, kube khona omunye wesifazane okuvele ukuthi ungowaseMgungundlovu ogunyuleke ngokuthi umntwana wakhe womfana washona khona eHomii.
UNksz Nontuthuko Mantshongo uthe lesi sigameko senzeka ngoFebhuwari 16, 2023. Elandisa, uthe wathola ucingo olwaluvela emaphoyiseni olwalumazisa ukuthi kumele aphuthume eThekwini, ngoba sekuvele umshophi. Uthe lolu cingo lwamazisa ukuthi kumayelana nengane yakhe, u-Andiswa Mantshongo (20) owayefunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
"Kwathi uma ngifika lapho okuhlala khona umntwana wami ngaziswa ngokushona kwakhe. Ngatshelwa ukuthi ushibilikile wawa esuka kwesinye isitezi waze wayodinsika kwesinye esingezansi. Yilokhu nje kuphela engatshelwa kona," usho kanjena ehlengezela izinyembezi.
Eqhubeka echaza, ulile kakhulu ngabaphathi bale ndawo, wathi akukho nokukodwa abamsiza ngakho futhi abazange bambuze nokuthi kukhona yini angathanda ukuba alekelelwe ngakho.
"Bamane bazibukela nje. Akekho noyedwa owaba nendaba ngokuthi kuphume umphefumulo. Kuyacaca ukuthi le ndawo kayiphephile nje nhlobo," usho kanjena.
Ngesikhathi eqhubeka ekhuluma bese umkhulu umsindo kuzwakala nje ukuthi abantu sebenengekile futhi abanye sebethelwe ngezibonkolo. Kube khona abanye ebebememeza bebuza ukuthi kayishiswa ngani le ndawo, kulindwe u-new year yini?
Kube nezikhawu lapho amaphoyisa ebebonakala ethwale kanzima ukuvimba ababhikishi, bengasalawuleki.
Uyise wamawele, uMnuz Khaya Dlamini, uthe ngeke aze athule nje agoqe izandla kodwa ufuna ukubona kwenzeka ubulungiswa ngokulimala kwezingane zakhe.
Ukhale kakhulu ngokuthi abaseHomii abakhombisi nje ukuzwelana nabo bewumndeni.
Uzwakalise nokunengeka njengoba eveze ukuthi akagculisekile ngendlela amaphoyisa alusingathe ngayo udaba.
UJACINTA Ngobese Zuma weMarch and March obeyingxenye yabebebhikishela amafulethi eHomii eThekwini, izolo
Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers
UJacinta Ngobese-Zuma wenhlangano iMarch and March uthe babone kumqoka kakhulu ukuba balusukumele udaba lwamawele.
Uthe kuyakhathaza kakhulu ukuthi kungenzeka into enjengalena, yomshophi wamawele, maqede kucwebe iziziba. Ukhale kakhulu ngamabhilidi aseThekwini wathi kawaphephile, phezu kwalokho wathi asegcwele kakhulu abantu bokufika - iningi elisezweni ngaphandle kwamagunya.
Ulimise ngesihloko elokuthi lokhu akwamukelekile nhlobo, wagcizelela ukuthi kukhona okumele kwenziwe ngamabhilidi kuleli dolobha eliphethwe yiMeya uCyril Xaba.
Khona izolo kuhlaluke ukuthi bekukade kuwusuku lokuzalwa kwamawele.
Umphathi waseHomii, uMmuz Michael Turl, uthe bayaxolisa emdenini wakwaDlamini ngokuwehlele.
KUME yonke into emgwaqweni uJoe Slovo enkabeni yeTheku, kumashelwa amafulethi eHomii izolo
Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers